INLSA
BAPHUME sekukubi ehholo laseThohoyandou abaholi nabalandeli be-ANCYL abebezama ukuphazamisa umbuthano wokuhlonipha uDkt Nelson Mandela izolo, phakathi kwabo unobhala we-ANCYL eLimpopo, uJacob Lebogo nosihlalo uRudzani Ludere
INTATHELI YESOLEZWE
KUPHENDUKE izihlalo kwaqhuma iqupha phakathi kwamalungu e-ANCYL namasosha oMkhonto wesizwe ngesikhathi kulindelwe uMengameli Jacob Zuma emcimbini wesifundo sokuhlonipha uDkt Nelson Mandela izolo.
Lokhu kwenzeke ehholo eliseThohoyandou endaweni ebizwa ngokuthi kuseShayandima lapho obekubuthene khona abalandeli be-ANC nazo zonke izinhlaka zalo mbutho.
Lesi sidumo sisuke ngesikhathi kuleli hholo kutheleka amalungu e-ANCYL yaseLimpopo abegqoke izikibha ezinobuso zowayengumengameli we ANCYL uJulius Malema ecula nezingoma ebezidelela uZuma esho nokuthi “lo muntu uyasihlupha”.
La malungu, abebalelwa ku-300, kuthe uma engena ehholo kwasuka isidumo axoshwa kwaphenduka izihlalo kwabanjwana ngamawashingi phakathi kwawo noMkhonto wesizwe nokuholele ekutheni amaphoyisa aqhumise isisi esikhalisa unyembezi.
Ngenxa yokushuba kwesimo kugcine sekuthinteka ngisho omama be-ANCWL iningi labo eselikhulile abanye abahilwe yi-teargas abanye beshayeka phansi beshawa nayizihlalo ebesezindiza emoyeni.
BEZIQINISIWE ezokuphepha ehholo lebandla iChrist Worship Church, eThohoyandou lapho uMengameli Jacob Zuma abethula khona isifundo sokuhlonipha uDkt Nelson Mandela owaba nguMengameli wesikhombisa we-ANC. kulo mbuthano kusuke isidumo kwaqhuma iqupha phakathi kwamalungu e-ANCYL nawoMkhonto wesizwe uZuma engakafiki abanye badabula izikibha ezinobuso bakhe. Izithombe: DUMISANI SIBEKO
INLSA
Abanye abalandeli bakaMalema bazithole sebeshaywa ngabaseki bakaZuma namaphoyisa, bakhishwa ngesidlozana ngaphakathi ehholo ngesikhathi bezama ukuphazamisa besusa udweshu.
Ngesikhathi kwenzeka konke lokhu uZuma ubengakafiki esaqale kwenye indawo ekhona eThohoyandou lapho abesahlangene khona nabaholi bendabuko kodwa ufike isimo sesizinzile ehambisana nabaholi abaphezulu bakaKhongolose nosihlalo we-ANC eLimpopo, uMnuz Casel Mathale.
UNgqongqoshe wezamaPhoyisa kuleli, uMnuz Nathi Mthethwa, obuye abeyilungu lekomiti lesigungu esiphezulu ku-ANC, utshele ithimba lezindaba kwa-SABC ukuthi lokhu okwenzekile akwemukeleki futhi kuyichilo.
Uthe laba bantu abenza lokhu kufanele ngabe bayaqonda ukuthi uMadiba wayengumuntu onjani njengoba ayeyisishoshovu esasingasabi ukubeka iqiniso njengoba linjalo kodwa ehlonipha.
Kulesi sigameko kugcine kuboshwe amalungu e-ANCYL amahlanu.
Ethula inkulumo kulo mbuthano umzukulu kaMadiba, uNdileka Mandela, uthe umkhulu wakhe wayengumuntu owayenephupho lokubona bonke abantu, ikakhulukazi izingane, kuleli zithola impilo engcono.
100712. Christ Worship Church, Thohoyandou in Limpopo Province. ANCYL members tearing Zuma T-shirt and singing anti-Zuma songs before President Jacob Zuma delivers the Nelson Mandela Memorial Lecture. Picture: Dumisani Sibeko
INLSA
Uthe njengoba i-ANC ingena kukhulunyaka lesibili kufanele konke lokho kuhambe phambili futhi ibe nemigomo ezohlomulisa abantu abasemazingeni aphansi ngoba uma ikhona kodwa ingasizi lutho kubantukazana ifana nengekho leyo migomo.
UZuma uchaze uMadiba njengomuntu owathwala kanzima elwela umzabalazo wokukhululeka kwabantu bakuleli kangangokuthi wathi uma esedonsa iminyaka yakhe eRobben Island akangavunyelwa ukuyongcwaba unina owashona emva kwezinyanga ezintathu egwetshiwe.
Lokho kwabuye kwamphinda ngesikhathi kushona indodana yakhe yokuqala iziphathimandla zejele zamnqabela ukuthi ayoyingcwaba.
Uphinde wachazwa njengomuntu owabamba elikhulu iqhaza ekudaleni uxolo phakathi kwe-IFP ne-ANC olwaludlange eGoli naKwaZulu-Natal.
UZuma ubuye wafisela uMadiba unwele olude njengoba ezogubha usuku lakhe lokuzalwa (94) ngoLwesithathu oluzayo.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services