Kusadida ukusha komuzi eMsahweni

Comment on this story
no ad Group UMLILO ubususabalale nangaphandle ngesikhathi kusha indlu eMsahweni ngase-Adams Mission izolo ekuseni. Kushone owesifazane kwathi abanye balimala.

SIMPHIWE NDWANDWE

KUSEYINDIDA ukusha komuzi eMsahweni ngase-Adams Mission izolo ekuseni okuphethe ngokuphuma komphefumulo wowesifazane oshe wangqongqa ngaphakathi endlini.

Abanye abathathu kuthiwa baphume ngesamagundane endlini ngesikhathi indlu isha ubuhanguhangu kodwa baphuma namanxeba okusha angatheni.

Kulesi sigameko kushone uNksz Londiwe Mjoka (18) oshele ngaphakathi endlini kwafika abezimo eziphuthumayo esevele esoshonile. Umkhulu wakhe uphuthunyiswe esibhedlela ebangwa nezibi kodwa ngokusho kwabezimo eziphuthunmayo abamhlengile useyowuphonsa umbalane.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe imbangela yokusha komlilo ayikaziwa kodwa amaphoyisa asaphenya. Mayelana nokufa kowesifazane uthe kuvulwe uphenyo oluzocacisa ukuthi ngabe ufe ngenxa yentuthu noma ukusha emzimbeni.

UMnuz Chris Botha, wezimo eziphuthumayo zakwa-Netcare 911, uthe akukho abebengamsiza ngakho uNksz Mjoka ngoba ngesikhathi befika umlilo ubugubuzele futhi bathe uma bemzama ukumxilonga bathola ukuthi akasekho emhlabeni.

Kushe yonke impahla yasendlini yangqongqa kuhlanganisa impahla yasekhishini, indawo yokuphumula nasemagumbini okulala. Owesilisa oshile nabanye uthe baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole ukwelashwa okuphuthumayo emanxebeni okusha.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.