YIZE iqembu lakhe likwazile ukushaya izimbangi zalo i-Orlando Pirates kodwa umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uthi akakeneliseki ngendlela abadlala ngayo.
Iqembu likaKomphela lishaye iPirates ngo 2-0 koweCarling Black Label Champion Cup eFNB Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo.
Amagoli abanqobe ngawo kulo mdlalo ashaywe ngu-Erick Mathoho noLewis Macha waseZambia.
“Ngifuna iqembu lidlale kahle. Kufuneka uma benze umnyakazo bese beyawuqedela nokuyinto engakenzeni okwamanje. Sisenamasonto amane silungisela isizini entsha. Ijubane besingakalungi kulona ngokubona kwami. Besazi ukuthi asiqedanga kahle ngesizini eyedlule. Bekufanele siqale kahle,” kusho uKomphela.
“Kuhle ukuthi sinqobile namuhla, Ngesiwombe sokuqala bekufanele siye ekhefini sihamba phambili ngelilodwa noma amabili. Umdlandla ngijabulile ngawo nangendlela ebesivimba ngayo kodwa akukeneli kodwa esiswini bekukuhle, phambili singaba ngcono kunalokhu. Kuningi okuhle engikubonile kodwa kukhona nokufanele sikulungise.”
Uthe abagadli bakhe kufuneka ukuthi bashaye amagoli bonke uma bethola ithuba.
“Sidlalisa umgadli oyedwa phambili bese omunye edlala njengonombolo 10. Uma ngibanikeza ithuba abagadli bami kufanele balisebenzise. Laba bagadli bahle kodwa inkinga baningi babanga izindawo ezimbili nje kuphela. Lapha sibala uMichelle Katsvairo, Emmanuel Letlotlo, Edmore Chirambadare, Siphelele Mthembu, Edward Manqele nabanye,” kusho uKomphela.
Mayelana nokusayinisa abadlali uKomphela uthe sekusele kancane ukuthi enele njengomqeshi. Ubancomile abadlali bakhe wathi benze kahle kulo mdlalo wabakhaya.
“UMacha udlale kahle emdlalweni wakhe wokuqala washaya igoli. U-Erick Mathoho no-Itumeleng basigcine sisemdlalweni. UMathoho uvimbe ibhola kulayini selingena nokuyinto esiyidingayo. UWilliam Twala udlale kahle namuhla,” kusho uKomphela.
Uthe ngeke asho ukuthi usesitholile isixazululo enkingeni ebibakhungethe kuleli qembu ngesini eyedlule, yokugqoza kwamagoli.
“Kayikho into elula lapha kuKaizer Chiefs ngoba sisadinga ukuthi sithole ukuzethemba ngemuva kwalokho bese kuba ukukholwa. Ngeke sihlale kakhulu kokwadlulile, kufanele sibheke kakhulu okusazokwenzeka ngoba yikona esingakwazi ukuthi sikushintshe. Lapha kunendlela yokuqeqesha noma yokudlala ekufanele uyenze,” kusho uKomphela.
Uthe uSiphiwe Tshabalala usengukaputeni weqembu akushintshile lutho.
“Kusenguye (Shabba) no-Khune okapteni beqembu. URamahlwe Mphahlele, Tsepo Masilela noWillard Katsande bangabasizi balaba ababili.”
UKomphela uncome isikimu sabalandeli.