Advertisement

Kusekude ukuphela ngoZahara emuva kweDVD yakhe entsha

SIZWE BLOSE

UYAQHUBEKA nokugila izimanga endimeni yomculo uZahara owathusa abaningi nge-albhamu yakhe yokuqala uLoliwe eyathusa iNingizimu Afrika yonke ngokudayisa iphele ezitolo kuze kudingeke ukuthi kufakwe esinye isitokwe.

UZAHARA uzihambela yedwa endimeni yezomculo. Credit: INLSA

IDVD yakhe enesonto nje iphumile seyidayise iDouble Platinum. Lokhu kuvezwe yisikhulu sakwa-EMI uTyson Qoma. I-EMI isebenzisana nenkampani kaZahara ephethwe uDJ Sbu Leope noThembinkosi Ncinza, iTS Records.

UTyson uthe kucace ngendlela izitolo ebeziyithenga ngayo leDVD ukuthi nabantu izobahlanyisa. “Izitolo eziningi zenze ama-oda ingakophumi nakuphuma, ngoMsombuluko ingene ezitolo abanikazi bazo besebesithinta besazisa ukuthi iyahamba iDVD,” kusho uTyson.

Uthe njengamanje sekudayiswe ama-DVD adlulile ku-40 000 kanti kuyacaca ukuthi izodayisa njenge-CD yayo lentokazi. UZahara oqokwe kathathu kumaSatma uzohambela iNingizimu Afrika yonke azisa abantu ngayo leDVD.

SHOW ALL
Advertisement