LUNGI LANGA
UMANGAZWA ukuthola izinga eliphezulu lokuhlukunyezwa kwabesifazane ngokocansi emsebenzini owesifazane osanda kwenza ucwaningo kwesinye sezikhungo zemfundo ephakeme kuleli.
UDkt Nhlanhla Goba-Malinga osanda kuqeda iziqu zakhe zobudokotela e-University of KwaZulu-Natal uthe kuyamangaza ukuthi namanje abesifazane basazithola becindezelwa futhi bebukwa njengezinto ezingasetshenziselwa ucansi nje kuphela.
Uthe lokhu kuvezwe yimiphumela yocwaningo alwenze phakathi kuka-2009 no-2011 lapho ayebheka izinkinga ezihambisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane ngezindlela ezihlukene.
Kulolu cwaningo ukhulume nabesifazane abasebenza esikhungweni semfundo ephakeme iWalter Sisulu University, e-Eastern Cape asebeke bahlukunyezwa ngabantu abasebenza nabo.
Uthe laba besifazane abangaphezu kuka-25 bathe babehlukunyezwa ngabesilisa abasebenza nabo kuso lesi sikhungo.
“Bebehlukunyezwa ngezindlela ezingafani ngoba abanye bebethintwa ngabesilisa ezindaweni ezifihlekile zomzimba. Abanye bebekhala ngokuqatshulwa yilabo abasebenza nabo ngaphandle kwemvume,” kuchaza uDkt Goba-Malinga.
Uthe okunye bamtshela ukuthi bebevalelwa yilabo abasebenza nabo emakhoneni babathinte ngisho amabele.
“Lokhu kuveze ukuthi ukuhlukumezeka ngokocansi akukhethile kungenzeka ngisho endaweni ehloniphekile njengesikhungo okulindeleke ukuthi singesabantu abafundile,” kusho uDkt Goba-Malinga.
Ukhulume nabantu abebesebenza ezindaweni ezahlukene kulesi sikhungo.
Uthe okubi akuthola ngukuthi iziphathimandla zakulesi sikhungo azitshengisanga ukuthi ziyakusukumela lokhu obekwenzeka kulaba besifazane.
Uthe abesimame akhulume nabo bonke bathe yize bebebika kubaphathi ngokuhlukumezeka kwabo, laba besilisa abakaze bajeze ngalokhu.
Uthe iningi labo lithi lizibona libukeleka phansi lingahlonishwa ngabesilisa elisebenza nabo.
UDkt Goba-Malinga uthe ukuhlukumezeka kwabesifazane kudalwa yizinkolelo eziveza abantu besilisa bengaphezu kwabesifazane.