AMAPHOYISA aseNorthern Cape ngedlule abophe imoto eyisifalakahla ebingasakulungele ukuhamba emgwaqweni.
Ngokusho kwamaphoyisa into ebiphila kule moto eyiveni lika 1976 yi-windscreen kuphela. “Eminyakeni engu-40 ngiyiphoyisa lomgwaqo, lena yimoto esesimweni esibheda kakhulu kwesengike ngazibona emgwaqweni,” kubabaza inhloko ophikweni lwamalayisensi kuMasipala iSol Plaatje, uMoses Alfonse.
Leli veni ngokusho kuka-Alfonse belinamagiya amabili kuphela angenayo, amasondo akhona bekuyintsheshelezi yempandla, ama-shock absorbers abebophene, kanti umshayeli wayo ubesebenzisa isigujana seplastiki esivuzayo esifakwe ngaphambili enjinini esisebenzisa njengethangi lika-petrol.
“Ayikho into ebisebenza bekungekho malambi, amawiper engabonwa, izihlalo zayo kuyihlazo,” kubeka u-Alfonse othe ibingekho enye indlela ngaphandle kokuthi le moto ikhishwe emgwaqeni.
Umnikazi wayo ongowaseZimbabwe kuthiwa utshele amaphoyisa ukuthi le moto uyithenge ngo-R5000 eNingizimu Afrika ngo 2011. Ube esekhokhiswa inhlawulo nemoto yakhe yakhishwa emgwaqeni. – Intatheli yeSolezwe
|
|
Services
Comment Guidelines