Kushone abadlali abangu-6 engozini

Comment on this story
_DSC1352 copy

BAWINILE NGCOBO noMINENHLE MKHIZE

KUPHINDE kwagadla ifu elimnyama ebholeni lakuleli kushona abadlali abayisithupha bePolokwane City egijima kuNational First Division (NFD) izolo ebusuku.

Isolezwe lihabule ngomthombo walo oseLimpopo ukuthi kushone abadlali abayisithupha bePolokwane City ebiyaziwa ngeBay United kumasizini adlule.

“Kushone abadlali abayisithupha abanye balimala kanzima engozini yemoto. Le ngozi yenzeke behamba ngebhasi elincane bephuma emdlalweni weNFD lapho bebedlala khona neF.C A.K. Nathi sisanda kuzithola lezi zindaba njengoba singomakhelwane babo. Siyazwelana kakhulu nabo,” kusho esinye sesikhulu esiphethe iqembu eligijima kulesi sigaba.

Kwehla lo msophi nje, leli qembu belibuya emidlalweni obuse-Oscar Mpete Stadium ePolokwane lapho lidlale khona ngokulingana ngo 1-1 neF.C AK.

IMG-20121110-01181 copy

Kuthintwa isikhulu saleli qembu uPincy Pena ngalesi sigameko sikuqinisekisile ukuthi kukhona abadlali abadlule emhlabeni kule ngozi eyehle ePolokwane. Ngemuva kwalokho lesi sikhulu sikhale ngokuthi sixinekile lapho sikhona futhi ngeke sikwazi ukukhuluma ngoba sisadidwe yilesi sigameko.

Omunye umthombo waleli phephandaba uwadalulile amagama abadlali abashonile kodwa sangakwazi ukushicilela kuze kwaziswe imindeni yabo kuqala.

“Ngisanda kuthola ucingo manje lingitshela ukuthi kudlule emhlabeni abadlali abayisithupha, abathathu bengisondelene nabo kakhulu ngisasebenzela iqembu kanti laba abanye abathathu bebesasanda kufika eqenjini. Sife olwembiza ngokudlula kwabo kwazise bekungabafana abadlala kahle,” kusho umthombo ovele wakhihla isililo.

Kushayelwa uConnie Motshumi wezokuxhumana kuPremier Soccer League naye usiqinisekisile lesi sigameko.

n Khonamanjalo, kwenye yezingozi ehlasimulisa umzimba eyenzeke ngempelasonto, abantu abawu-15 abebesuka eClairwood, eThekwini, beya emngcwabeni e-Eastern Cape ababanga besafika ngoba iveni abebehamba ngayo igingqikile emgwaqweni u-R61 eduze kwaseSt Michaels, ngaseMargate, ngoMgqibelo ebusuku kwashona abayisithupha.

Abashonile nabalimele okuthiwa bangomakhelwane bebekade beya emngcwabeni obuzoba izolo eFlagstaff ngesikhathi bevelelwa yile ngozi.

Kuthiwa umshayeli weveni ebithwele abantu abangu-15 uhlulekile ukuyilawula yase igingqika.

Kule ngozi kushone uPhilile Dingi (28), Zwe Madlavu (21), Lindani Shezi noLungani Sithole, oshonele esibhedlela, amagama abanye ababili awatholakalanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

UMnuz Kwanele Ncalane womnyango wezokuThutha esifundazweni uthe umbiko abanawo ukhombisa ukuthi kuqhume ithayi evenini umshayeli wabe esehluleka ukuyilawula.

UChris Botha wakwa-Netcare 911 uthe abezimo eziphuthumayo nophiko lwabatakuli bakwaSAPS bafike endaweni yesigameko bathola imoto ifahlakile lapho igingqikele khona endaweni engamamitha angu-200 ukusuka emgwaqeni ekade ihamba kuwo.

Kuthiwa le moto ibihambe ichithela ngaphandle abantu ngesikhathi igingqika.

UBotha uthe emuva kokuthi abantu abebelimele benikwe usizo lokuqala endaweni yesigameko babe sebethuthelwa ezibhedlela ezehlukene.

n Khonamanjalo, kushone abantu ababili kwalimala abayisihlanu ngesikhathi kugingqika imoto abebehamba ngayo emgwaqeni u-R27, eduze kwaseBallito, ngoMgqibelo ebusuku.

Kuthiwa umshayeli uhluleke ukulawula imoto yaphaphalaza ngezithuba zawo-8 ebusuku.

UBotha uthe ngesikhathi abezimo eziphuthumayo befika endaweni yesigameko bathole ukuthi abanye abebelimele bebesavaleleke emotweni. Kuze kwasetshenziswa izindlawu betakulwe ngaphambi kokuthi bathuthelwe ezibhedlela eziseduze.

Kwenye ingozi kushone amadoda amathathu kwalimala abanye abahlanu ngesikhathi kushayisana iloli nezimoto ezimbili ezincane emgwaqweni u-N3 ngaseMidmar Dam.

Akucaci ukuthi le ngozi yenzeke kanjani kodwa u-Andre Visser wakwa-ER24 uthe enye yezimoto ebithinteka kule ngozi ibinamadoda amathathu. Enye yawo iyichithile imoto amabili atholakala esihlalweni esingemuva.

Wonke la madoda ashonele endaweni yesigameko.

Enye yezimoto kuthiwa ibinamadoda amane nowesifazane oyedwa. bona balimele, bathuthelwe ezibhedlela ezehlukene.

Iloli ebelithinteka kule ngozi nomshayeli walo kuthiwa bebengatholakali endaweni yesigameko.

UNcalane uthe uNgqongqoshe, uMnuz Willies Mchunu, uyanxusa ukuthi abantu baqhubeke nokuhlonipha imithetho yomgwaqo, baziphathe kahle ngoba ukufika kwesikhathi sikaKhisimusi akushintshi lutho.

Uthe abantu uma bezohamba, abahambe ngezimoto ezisesimeni esifanele, ezigunyaziwe ukuthutha abantu ukuze baphephe.

“Uma nizohamba kumele kube khona oyedwa ongaphuzi ozoshayela. abantu abangashayeli bephuzile. Amaphoyisa ethu asevele agcwele imigwaqo agade labo abazophula imithetho,” kusho uNcalane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.