IZINGANE ezimbili eNorth West zigwi-lize zafa ezehlakalweni ezehlukene zifela emabhakedeni agcwele amanzi.
Okhulumela amaphoyisa aseNorth West izolo, uCaptain Amanda Funani, uthe amaphoyisa nabosizo lokuqala babizwe emzini osemijondolo yaseTswelelang eWolmaransstad ngoLwesithathu ngesikhathi ingane enezinyanga eziwu-11 igwiliza ebhakedeni eliwu-10 litre elisetshenziswa njengesikigi.
Unina wale ngane ubematasa ewasha izingubo ngesikhathi ebona ukuthi indodana yakhe akasayiboni.
Kuthiwa ungene endlini eyoyibheka wayithola ingene ebhakedeni lokucha-mela, izinyawo zibheke phezulu, ikhanda liphakathi. Abosizo lokuqala bathe ingane ifele endaweni yesehlakalo.
Ngalo uLwesithathu, eBrakkuil, emijondolo eseZeerust, amaphoyisa athi kugwilize kwafa ingane eneminyaka emibili ebishiywe ngunina idlala eduze kwamabhakede abegcwele amanzi akade ewasha ngawo izingubo. Ubuye indodakazi yakhe isishonile nayo ingene ngekhanda ebhakedeni. – Intatheli yeSolezwe
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services