.
BEKUVALWE ngamatshe kushiswa namathayi emgwaqeni waseFolweni umphakathi ukhalaza. Isithombe: BONGANI MBATHA
MLUNGISI GUMEDE
UDUBULEKE ngephutha washona umfana oneminyaka engu-15 ngesikhathi amaphoyisa etholana phezulu ngenganono namalungu omphakathi waseFolweni abebhikishela ukwenyuka kwemali yokugibela amatekisi izolo.
Lo mfana ubeyingxenye yamakhulu omphakathi abebhikishela ukwenyuka kwemali yokugibela emgwaqeni omkhulu kule ndawo. Udubuleke esifubeni washonela khona lapho.
Umphakathi wakule ndawo izolo uvuke umbhejazane wavala imigwaqo ngamathayi avuthayo ukhala ngokunyuka kwemali yokugibela.
Lo mbhikisho uqale ekuseni laze layoshona kusashiswa amathayi.
BEKUPHUME nesinedolo umphakathi waseFolweni uvale imigwaqo. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA
.
Besishubile isimo kule ndawo, kungahambeki nezimoto ezincane zigcine zingasakwazi ukusebenzisa lo mgwaqo obuvaliwe.
Isolezwe lithole ukuthi kuphinde kwashiswa neveni, umnikazi wayo obefuna ukudlula ngenkani kulo mgwaqo.
Umthwebuli wezithombe kwiSolezwe uBongani Mbatha usinde ngokulambisa ngesikhathi amalungu omphakathi esho ukumqeda ngamatshe ngesikhathi kade ezama ukuthatha izithombe zababhikishi beshisa amathayi.
Umphakathi uthe uzoqhubeka nokuvala imigwaqo kuze kube imali yokugibela iyehliswa.
Ilungu likasoseshini waseFolweni uMnuz Mavu Khuzwayo uthe sebethathe isinqumo sokuthi bakumise ukunyuswa kwemali yokugibela kuze kube kuxoxiswana nazo zonke izinhlaka zomphakathi ezithintekayo.
“Asithandi uma sekunodlame emphakathini kanti futhi asifuni ukuthi sixabane nabagibeli bethu yingakho sithathe isinqumo sokukumisa ukunyuswa kwemali kuze kube kuyaxoxiswana,” usho kanje.
USihlalo kasoseshini waseFolweni uMnuz President Nguse ngeledlule uthe baxoxisana nazo zonke izinhlaka zomphakathi ngaphambi kokuthi imali inyuswe.
“Siyazi ukuthi kunabantu abagovuza umphakathi ngenhloso yokudala uthuthuva emphakathini,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLt Colonel Vincent Mdunge uthe abafuni ukuqagela ukuthi lo mfana udutshulwe inhlamvu ebivela kuliphi uhlangothi.
“Sizolindela umphumela kadokotela ozohlola isidumbu,” usho kanje.
UMdunge uthe amaphoyisa afike lapho bekubhikishwa khona eyoqapha isimo, kwakhona amalungu omphakathi adubulayo, namaphoyisa aphindisela.
“Asifuni ukuthi lomfana udutshulwe amaphoyisa noma ubani,” kusho uMdunge.
UMnuz Kwanele Ncalane okhulumela umnyango wezokuThutha nezokuPhepha KwaZulu-Natal uthe sebejube ithimba elizozama ukulungisa isimo kulendawo.
“Siyakugxeka ukuthi kugcine sekuphuma izidumbu embhikishweni,” usho kanje.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services