Kushube isimo bengayiboni iMeya

Comment on this story
no dube village1 INLSA UMGWAQO usale umnyama wumlotha wamathayi abeshiswa ngababhikishi basemijondolo eSizamuzulu eDube Village. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

SIMPHIWE NGUBANE

UKUHLULEKA kweMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo ukuhlangana nomphakathi wasemijondolo iSizamuzulu eDube Village, eNanda kubonakala kusishubisa kakhulu isimo njengoba sekuyisonto lesibili isimo simanzonzo kuleya ndawo. Kusukela ngeledlule abantu abahlala kule ndawo abafuna izindlu zomxhaso bavale umgwaqo omkhulu kwaba nzima ukuhamba kwezimoto kanti kokunye izimoto ezidlulayo zishaywa ngamatshe. Noma amaphoyisa etshaliwe kodwa abuye ahambe luqale phansi uthuthuva.

UMnuz Thabo Mofokeng ongumkhulumeli kaMasipala weTheku uthe bazisukumele izikhalo zomphakathi futhi benza konke okusemandleni ukuxazulula isimo.

Uthe iMeya ayikwazanga ukuyoxoxisana nomphakathi ngenxa yohambo ebenalo kodwa bakhona abathunyelwa. Naphezu kwencazelo kaMofokeng izolo ekuseni abantu bakuleya ndawo baqhubekile bangqongqisa amarobhothi beshisa amathayi bavala umgwaqo omkhulu u-M25 ongenela eNanda.

Abantu ababalelwa ku-300 abafuna ngodli ukwakhelwa izindlu zomxhaso bavuke indlobane bejikijela ngamatshe izimoto obekukhona kuzo nezamaphoyisa abeqaphe isimo.

NgoMsombuluko iNhloko yoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kumasipala weTheku uMnuz Nigel Gumede nozakwabo uMnuz Joe Nene bahlangane nezakhamizi bezozwa izikhalo zazo.

no dube village4~1

Kubukeka zingathelanga zithelo lezi zingxoxo ngoba abantu bavuke ekuseni ngovivi izolo bangena emgwaqweni bawushiya umanaphanapha wudoti osakazwe yonke indawo.

La bantu bafuna iMeya uNxumalo ngenhloso yokukhuluma nayo ngoba bethi iyona eyithemba labo lokugcina engabatakula kulolu sizi ababhekene nalo lwezindlu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Vincent Mdunge uthe akukho muntu oboshiwe ngokucekelwa phansi kwempahla nokususa udlame emphakathini wathi inkinga enkulu idalwa abantu abahlala eBhambayi okuyibo abalekelela abaseSizamuzulu kubhikishwa.

Uthe basiqaphile isimo futhi kwengezwe isibalo samaphoyisa ophiko lwePublic Order Unit aqaphe isimo ngelokhozi.

“Yize isimo sizinzile okwamanje kutshalwe inqwaba yamaphoyisa kodwa kuzofanele umkhandlu ulusukumele udaba lwalabantu ngoba luya ngokuba bucayi. Akukuhle ukuthi kuhlukunyezwe abantu abaya emsebenzini izimoto zabo zijikijelwe ngamatshe kubekwe nemigoqo emgwaqweni,” kusho uMdunge.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.