Kusinda kuyehlela kwabaphuzayo

Comment on this story
Copy of ca Sin Tax beer DONE thomas holder UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Pravin Gordhan, wenyuse izindleko kwabaphuzayo njengoba bezokhokha 7c ngaphezulu ukuthenga ikani elilodwa likabhiya nangama-cider. Isithombe: Thomas hIlder

INTATHELI YESOLEZWE

ABAPHUZAYO nababhemayo bazokhokha okuthe xaxa kulonyaka.

Ethula isabelomali salo nyaka uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Pravin Gordhan, uthe abaphuzayo bazokhokha 7c ngaphezulu ukuthenga ikani elilodwa likabhiya.

Ugwayi uzonyuka ngo-60c iphakethe.

Ibhodlela lewayini lizobiza u-15c ngaphezulu.

Imali yama-cider nezinye iziphuzo ezidakayo ezithakwe ngezithelo zizonyuka ngo-7c ilitha.

Ibhodlela likagologo elingu-750ml lizobiza u-R3.60 ngaphezulu kusuka ekuqaleni kuka-Ephreli.

Abaphuza ijuba bona bazokhokha kancane.

Abashayeli bazozwela njengoba bezokhokha u-23c ngaphezulu uma befaka uphethiloli kusuka ngo-Ephreli 3.

Ilevi kaphethiloli izonyuka ifike ku-15c ilitha, u-8c uzoya esikhwameni sezingozi, i-Road Accident Fund.

Abathengi ngeke bakujabulele ukuzwa ukuthi uplasitiki ezitolo uzonyuka usuka ku-4c uye ku-6c kulo nyaka.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.