Advertisement

Kusinda kuyehlela kwabaphuzayo

ABAPHUZAYO nababhemayo bazokhokha okuthe xaxa kulonyaka.

Ethula isabelomali salo nyaka uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Pravin Gordhan, uthe abaphuzayo bazokhokha 7c ngaphezulu ukuthenga ikani elilodwa likabhiya.

UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Pravin Gordhan, wenyuse izindleko kwabaphuzayo njengoba bezokhokha 7c ngaphezulu ukuthenga ikani elilodwa likabhiya nangama-cider. Isithombe: Thomas hIlder. Credit: thomas holder

Ugwayi uzonyuka ngo-60c iphakethe.

Ibhodlela lewayini lizobiza u-15c ngaphezulu.

Imali yama-cider nezinye iziphuzo ezidakayo ezithakwe ngezithelo zizonyuka ngo-7c ilitha.

Ibhodlela likagologo elingu-750ml lizobiza u-R3.60 ngaphezulu kusuka ekuqaleni kuka-Ephreli.

Abaphuza ijuba bona bazokhokha kancane.

Abashayeli bazozwela njengoba bezokhokha u-23c ngaphezulu uma befaka uphethiloli kusuka ngo-Ephreli 3.

Ilevi kaphethiloli izonyuka ifike ku-15c ilitha, u-8c uzoya esikhwameni sezingozi, i-Road Accident Fund.

Abathengi ngeke bakujabulele ukuzwa ukuthi uplasitiki ezitolo uzonyuka usuka ku-4c uye ku-6c kulo nyaka.

SHOW ALL
Advertisement