INLSA
USFISO Dlamini (20) onenkinga yezinso kumele abelethwe wumngani wakhe uVusumuzi Maliwa ukuze anyuke intaba njalo uma eya esikoleni ngoba akasakwazi ukuhamba kahle
LUNGI LANGA
INZIMA impilo kumfundi ongasakwazi ukuphila impilo ejwayelekile ngenxa yokuhlushwa yizinso.
Kusukela athola ukuthi unenkinga yezinso eminyakeni eyishumi edlule impilo ayikaze ibe lula kuSfiso Dlamini (20) waseNanda eNewtown B. Ukugula kwakhe sekudlulele ngoba usehlulwa nawukuhamba futhi uthikameza nasezifu-ndweni njengoba enza uGrade 12 eNhlanhlayethu Secondary eNanda.
Uma eya esikoleni ekuseni ulinda umngani wakhe noma ilungu lomndeni ukuze limfukule lihambe naye ibanga elide aze afike lapho ezothola khona imoto ezomyisa esikoleni.
“Kusukela ngonyaka odlule ngiyafukulwa uma ngihamba ibanga elide ngoba indawo esihlala kuyona ayiyinhle kanti nezinyawo zami ziba buhlungu,” kusho uSifiso.
Eseneminyaka eyishumi umzimba wakhe waqala ukuvuvuka ngendlela engajwayelekile nezinyawo zakhe zaba buhlungu. Unina, uNkk Jabulile Dlamini wamyisa emtholampilo wase edluliselwa esibhedlela lapho kwatholakala khona ukuthi unesifo sezinso. Kusukela ngaleso sikhathi usohleni lwabalinde ukuthola izinso.
USFISO Dlamini (20) ekanye nonina uNkk Jabulile Dlamini. Izithombe: NQOBILE MBONAMBI
INLSA
“Ngihlezi ngizwa ukuthi uhla lwabantu abadinga ukuthola izinso lude kakhulu, angazi noma ngiyoyithola yini. Engikwaziyo wukuthi uma ngingathola inso ngingakwazi ukuphila impilo ejwayelekile njengezinye izingane,” kusho uSfiso.
Uthe ufisa ukuba ngudokotela ngelinye ilanga kodwa akakuboni lokhu kwenzeka njengoba esagula ngalolu hlobo.
Udaba lukaSfiso seluthinte othisha abamfundisayo abathi kuphazamisa ukufunda kwakhe. Uthisha wakhe uMnuz Sithembiso Khanyile uthe akekho ongazwelani noSfiso esikoleni.
“Ukugula kwakhe kumphazamisa kakhulu esikoleni ngoba kunezinsuku ezintathu esontweni okufanele ahambe ngazo aye esibhedlela,” kusho uKhanyile.
Uya esibhedlela kathathu ngesonto ukuze enze uhlelo lokukhuculula ukungcola ezinsweni olubizwa nge-Kidney Dialysis.
Uthe othisa sebenze imizamo yokuthi kube khona kubona omyisa esibhedlela noma ambeke lapho ezothola khona izinto zokuhamba ukuze kube lula kuye.
Kepha lolu hlelo lokukhuculula lungahamba luhluleke. Akudingayo yinso ephilayo kodwa baningi abalindile njengaye.
Ungoti kwezezinso, uDkt Kantilal Parag wasesibhedlela iSt Augustine’s uthe ezikhungweni ezizimele baphakathi kuka-400 kuya ku-500 abalinde izinso. Kanti bangu-25 kuphela abazitholayo onyakeni.
Uthe inkinga idalwa ngukuthi abantu abazi ukuthi bangaphila impilo ephelele emuva kokunikela ngenso.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services