Kusize amaphoyisa beqhinqe ekolishi

Comment on this story
NO FET~2 INLSA Abafundi base FET eNanda bafuke umbhejazane bacekela phansi isikole. Izithombe: SIBUSISO NDLOVU

NQOBILE MASIMULA

BESISHUBILE isimo izolo phakathi kwamaphoyisa nabafundi baseLangeni FET College eNanda, ngesikhathi kunomhlangano wabazali ngaphakathi kuleli kolishi.

Lo mhlangano oyisipesheli ubizwe kulandela udlame oluqubuke kuleli kolishi ngoLwesibili abafundi bekhala ngokuthola imiphumela engaphelele yangonyaka odlule kwaphetha ngokuthi livalwe.

Amaphoyisa agcine ngokuhlakaza isixuku sabafundi ebesiqhinqe ngaphandle kwesango lekolishi ngesisi esikhalisa unyembezi njengoba bebengavunyelwe ukuba yingxenye yomhlangano.

NgoLwesibili olwedlule abafundi bavuke umbhejezane bashisa ingxenye yalesi sikhungo baphinde baphihliza amafasitela nezicabha kanti kukholakala ukuthi umonakalo odalekile ulinganiselwa ku-R 500 000 usuwonke.

Usihlalo woMkhandlu wabafundi, uMnuz Thembinkosi Mabaso, uthe kwakhona ukuvalelwa kwabazali babo bodwa ngaphakathi kukhomba ukuthi kunento efihlwa yiziphathimandla zaleli kolishi.

NO FET2~1 AMAPHOYISA abhekane ngeziqu zamehlo namalungu omkhandlu wabafundi bakuleli kolishi. ISITHOMBE: SIBUSISO NDLOVU INLSA

“Ukube bekungekho abakufihlayo ngabe basivumelile nathi sangena ukuze sibezwe uma befunza abazali bethu amanga,” kusho uMabaso.

Uthe abasazi ukuthi kumele bakholwe yikuphi ngoba iziphathimandla zesikhungo zazithe imiphumela izophuma nakanjani ngoFebhuwari 20 kodwa namanje abayitholile leyo miphumela kanti okubuhlungu wukuthi abazi nokuthi bazoyithola nini.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kulo mhlangano, liyalelwe ukuba liphumele ngaphandle ngoba bebengavumelekile abezindaba kuwona kodwa lakwazi ukucosha nokuthi phakathi kwezinye izikhalo zabafundi, kukhona nesokunganeliseki ngomphathi wekolishi.

Isitatimende esikhishwe yileli kolishi emuva komhlangano wayizolo, sithe emhlanganweni kunqunywe ukuthi ikolishi livulwe ngoMsombuluko ngo- Febhuwari 25

“Abaphathi bekolishi behambisana nezikhulu zoMnyango wezeMfundo ngokuhlanganyela nabazali babafundi baseLangeni FET, bagcine bevumelane ngokuthi ukufunda nokufundisa kuzoqhubeka ngokujwayelekile kanti imiphumela yabafundi isizotholakala yonke iphelele,” sisho kanje.

Lesi sitatimende siphinde saveza ukuthi kuthathwe isinqumo sokuthi kujutshwe ithimba elizophenya ngezinsolo zesandla semfene kuleli kolishi.

NO FET3 21/02/2013 Durban Amaphoyisa aseNanda Abhekane ngeziqu zoboya neSRC yaseFET eNanda. ISITHOMBE: SIBUSISO NDLOVU INLSA

sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.