NOKUBONGWA PHENYANE
USABABAZA isihluku umphakathi waseNcemaneni, eShowe ngemuva kwesehlakalo sokubulawa kowesifazane okade ebuya emngcwabeni wezelamani zalapho eshadele khona nazo ezisocongwe wumlisa ongaziwa ngeledlule.
UNkk Nokwazi “Mgqashiyo” Xulu uMaMdletshe (40), kuthiwa ungenelwe ngabalisa abangaziwa abafike abangabuza mkhuhlane bavulela ngenhlamvu bamshiya efile.
UNkk Xulu uhlaselwa nje, ubesanda kubeka imithwalo esathi uyaphumula njengoba ebeliqhamukisa kofihla uZihle Xulu (28) noNothando Xulu (17), abadutshulwe bafa behleli bobabili.
Ukubulawa kwalaba sekwenze kwaba nenkombankombane emphakathini ngenxa yemibango eqhubekayo endaweni esineminyaka.
Kulezi zigameko kusolwa impi yezigodi njengoba kuthiwa iqubuka mihla namalanga osekuhlalise umphakathi lubhojozi.
Lezi zehlakalo kuthiwa zidla lubi ezigodini okubalwa kuzo iNcemaneni, Hlokohloko, Thintumkhaba, KwaMpofu naKwaChuthuza.
Ngokusho komthombo ohlala kuleya ndawo kodwa ongathandanga negama lawo, lolu thuthuva oselwenza kubulawe nabantu besifazane luqale ngo-2009 kubangwa imfuyo nokwagcina ngokuthi umphakathi uhlukane phakathi kungabe kusazwanwa.
“Sisangene amakhanda manje ngokufa kwabantu. Indaba yaqala ngemfuyo abantu bebanga yona okwaze kwaholela ekutheni babulalane,” kusho umthombo.
Uthe okubakhathaza kakhulu manje ukubulawa kwabantu besifazane abangazi ukuthi kudalwa yini njengoba lezi zelamani zona sekungezesibili.
Ngokusho kwekhansela elengamele ezinye zalezi zindawo uMnuz Mbongiseni Dludla, sebeze babhalela uNgqongqoshe wezokuPhepha uMnuz Willies Mchunu ukuthi azobheka lolu daba ngoba seluthanda ukubahlula nabo.
“Kusuka ngo-2009 abantu bayafa asazi ngempela ukuthi yini le ebangwa kangaka. Nakithi makhansela akusebenzeki ngenxa yalo mhlola ngoba awazi ukuthi uyobe usuzidonsela kuphi amanzi ngomsele,” kusho uDludla ejobelela ngokuthi ngenyanga edlule kubulawe ababili besuka emkhehlweni.
Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Vincent Mdunge uthe akhona amacala amabili okubulala avuliwe.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services