Advertisement

Kusolwa isikhwele kobulale izingane

NONTUTHUKO NGUBANE noBAWINILE NGCOBO

USIFANISA nenganekwane umndeni wakwaMchunu eWillowfontein eMgungundlovu isigameko sendodakazi yakhona ebulale izingane zayo ezintathu maqede yazilengisa yafa nayo ngeSonto entathakusa emuva kokuba ikhale ngokuhlushwa ngumnakwabo obempiklela ngokuthi ukipite noyise wezingane zakhe eGoli.

Ayanda 'Boy' Mchunu (2)

UNksz Fikile Mchunu (24) nezingane zakhe ezintathu okungabafana ababili uSiyanda ononyaka, Ayanda (2) nentombazane uSifundo (7) batholwe befile endlini abebehlala kuyo.

Ingane yentombazane iklinywe ngeshethi kwathi ezabafana zacindezelwa ngomcamelo omkhulu zaze zafa, maqede unina wazo wazilengisa ngentambo.

Yize umndeni uthi awunaso isiqiniseko ngesizathu sokuzibulala kwakhe kodwa uthole ukuthi encwadini ayibhalile bathe ukhale ngemiyalezo nezingcingo ebezivela kumnakwabo obehlezi empiklela ngokuthi uhlezi nendoda yakhe eGoli.

Umalumekazi kaFikile, uNkk Sibongile Mchunu, uthe basamangele ngoba uFikile bekungekho okumxakile obekungenza ukuthi aze azibulale nezingane zakhe.

“Encwadini ayibhalile akukho okugculisayo akubekayo ngesizathu sokuzibulala nezingane zakhe. Akushilo wukuthi ukhathele yimiyalezo ebivela kumnakwabo ethi uhlezi nendoda yena ebe ehlezi nezingane. Izinombolo ebezimfonela zimthumela nemiyalezo uzibhalile encwadini wacela nobaba wezingane zakhe ukuba angalubhadi emngcwabeni,” kusho uNkk Mchunu.

Okunye okuvelile wukuthi bebengaboni ngaso linye noyise wezingane zakhe zabafana obekubhekwe ukuba azoqedela amalobolo njengoba ngoDisemba 18 ngonyaka odlule elethe izibizo.

Unina kaFikile, uNkk Simangele Mchunu, elandisa leli phephandaba uthe indodakazi yakhe “ibihlushwa wukuphuza ngokweqile”.

“Konakala mhlazane uFikile eqala ukuphuza utshwala ngokweqile. Ubehlezi esabisa uyise wezingane zakhe ukuthi uzobulala izingane bese ezibulala naye. NgoMqgibelo ngathola ucingo luvela kuyise wezingane zakhe ekhala ngokuthi uFikile ufuna ukubulala izingane. Ngaya ukuyozibheka ngafica kungonakele lutho. Nami ngithuke ekuseni sengimthola elenga nezingane zilele ngokulamana kwazo embhedeni sezithule,” kusho uSimangele.

Kuthintwa uyise wezingane ozibize ngoMnuz Phakamani Zulu ukhale ngesikhwele ebesixakile kuFikile.

“Anginalo ulwazi ukuthi kungani ezibulele nezingane zami.

“Wangitshela ukuthi uzozibulala nezingane, bekuyinto abehlezi eyisho kodwa ngingazitsheli ukuthi angayenza. Ubenesikhwele ngokweqile,” kusho uZulu.

UZulu unezingane ezimbili noFikile okuyilezi zabafana.

“Imiyalezo angithumelele yona ebusuku ibilokhu ingazisa ukuthi useyibulele eyokuqala, ulandelisa ngeyesibili waze wabulala eyokugcina wase ethi naye uyazibulala,” kusho uZulu othe naye usashaqekile.

UZulu uvumile ukuthi bake baxabana noFikile kodwa sesiside isikhathi bagcina ukungaboni ngaso linye.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Vincent Mdunge, uthe umbiko osemaphoyiseni ukhomba ukuthi lo wesifazane uqale wabulala abantwana bakhe bobathathu wabe esezilengisa.

UNdunankulu wesifundazwe, uDkt Zweli Mkhize naye ongowokuzalwa kuyo le ndawo uvakashele umndeni ukuzobaduduza.

SHOW ALL
Advertisement