Advertisement
logoSections

Kusolwa isikhwele kufa izithandani

KUSOLWA isikhwele ngokubulawa kowesilisa nesithandwa sakhe esisha abahlaselwe emqashweni abebehlala kuwo eCato Manor ngeledlule.

UMnuz Vumile Gcina (34) ubulawe ngokudutshulwa nentombi yakhe uNksz Lucy Veletshona (24) okuvela ukuthi bebesanda kwazana naye.

UMNUZ Vumile Gcina obulewe nesithandwa sakhe okusolwa ukuthi babulawe ngowayethandana naso ethunywe ngunina wengane yakhe. Credit: Group

Udadewabo kaGcina, uNksz Nombeko Gcina, uthe basola ukuthi umfowabo ubulawelwe ukwala owayeyintombi yakhe, uNksz Duduzile Nomsuka (23), naye oboshiwe mayelana nokufa kwakhe.

Uthe ngokuzwa kwabo uNksz Nomsuka ubekhwelezela ukuthi uGcina usethandana nomunye umuntu. Ube eseqala ukumcindeza ngokuthi amnike imali yokondla ingane yabo.

“Nathi besingazi ngale ngane ngoba kuze kube manje asikaze siyibone kodwa sizwa kuthiwa isinonyaka nezinyangana. Besilokhu sizwa ukuthi ikhona kodwa engayilethi ekhaya,” kusho uNksz Gcina.

Uthe bebengalindele ukuthi ukuxabana kwabo sekungaze kuholele ekutheni kubulawe umfowabo.

UNksz Gcina uthe bathuke ngoba bethola umqhafazo ngoLwesine ngeledlule obuvela kuNksz Nomsuka othi uma kungafanga yena kuzoshona umfowabo. Ngalo lolo suku kube sekubulawa uGcina nesithandwa sakhe besendlini kaGcina.

Kusolakala ukuthi uNksz Nomsuka watshela uMnuz Amos Ngubane (35) okuthiwa wayeyisoka likaNksz Veletshona ukuthi usendlini kaGcina. Le ndoda, okuthiwa ingunogada enxanxatheleni yezitolo ePavillion, ayibange isabuza yanikela endlini kaGcina yadubula uNksz Veletshona noGcina bashonela khona lapho.

UNksz Nomsuka noNgubane bavele enkantolo yeMantshi ngoMsombuluko ngamacala amabili okubulala. Kulindeleke ukuthi baphinde bavele ngo-Novemba 27.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe umphenyi wecala uphumelele ukubathola ngesikhathi ebopha lona wesifazane obethandana noGcina.

“Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi le ntokazi iqashe umuntu ukuthi abulale isoka lakhe nesithandwa salo esisha, umsolwa wesibili yena uzinikele emaphoyiseni ase-Estcourt emuva kokuthi esezwile ukuthi uyafunwa,” kusho uZwane.

Bobabili babe sebebekwa amacala okubulala.

Uthe isibhamu okukholakala ukuthi sisebenze ukubulala uGcima nentombi yakhe sizodluliselwa kwabahlolayo ukuze kubhekwe ukuthi ngempela sasetshenziselwa lesi sigameko.

SHOW ALL
Advertisement