INLSA
uMnuz Zwelinzima Vavi
CELANI SIKHAKHANE
KUSOLWA abaholi benyunyana yothisha KwaZulu-Natal, iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) ngokuqhuba umkhankaso wokuketula uNobhala-Jikelele weCosatu uMnuz Zwelinzima Vavi ngoba bemsola ngokuthi uzophazamisa izinhlelo zokuthi uMengameli Jacob Zuma athathe ihlandla lesibili.
Phakathi kwalaba baholi kubalwa kubo noNobhala weSadtu esifundazweni uMnuz Mbuyiseni Mathonsi. Kuthiwa sekube nemihlangano eminingana lapho kudingidwa khona udaba lukaVavi. Kuthiwa bafuna ukufaka uMnuz Fikile Majola weNehawu noma uMnuz France Baleni weNum.
Izolo inyunyana yabasebenzi bokusansimbi iNumsa KwaZulu-Natal ikhiphe isitatimende lapho igxeka khona imizamo yeSadtu yokudicilela phansi uVavi uma inemibuthano.
Umholi weNumsa esifundazweni uMnuz Mbuso Ngubane uthe asibethusi isenzo seSadtu ngoba bayazi ngaso. Uthi naseMpumalanga yakhombisa ukudicilela phansi uVavi ngezinkulumo ezazenziwa embuthwaneni wayo.
“Sizimisele ukufa lapho uVavi efa khona ngakho uma kukhona abathi akaphume esikhundleni nathi sizofuna ukuthi zonke izikhundla ezisebuholini obuphezulu zivuleleke ukuthi kube nabantu abazophakanyiswa kuzo baphonse inselelo ebuholini obukhona bonke,” kusho uNgubane.
MNUZ Sdumo Dlamini
inlsa
Uthe bona bagculisekile ngobuholi bukaVavi futhi bayazi ukuthi laba abafuna aphume bahlose ukuthi iCosatu ibe buthaka.
Uthe bona uma beya eMangaung bayobheka ukuthi ngabe izinqumo ezathathwa ePolokwane zibasebenzele yini abasebenzi.
Laba baholi beSadtu eKZN kuthiwa sebeke baya eGoli ukuyohlangana nalabo abafuna uVavi achithwe nalapho bekubhungwa ngamasu okuthi angakhishwa kanjani ukuze kufakwe uBaleni noma uMajola.
Ngenxa yalokhu laba abavikela uVavi bathi bafuna noMnuz Sdumo Dlamini onguMengameli weCosatu akhishwe kungene uMnuz Cedric Gina weNumsa .
Umholi eligodliwe igama lakhe uveze ukuthi laba baholi abangamfuni uVavi sebeze bazama nokuya kuye beyomkhuza ngezinkulumo zakhe ezihlale zigxeka uhulumeni kaKhongolose bekhala ngokuthi kuvele kube sengathi uyiqembu eliphikisayo.
Le ngqungquthela izoba ngoSepthemba 17 kanti zonke izinyunyana ezingaphansi kweCosatu kulindeleke ukuthi zifake amagama eziwaphakamisile ungakafiki uSepthemba 14 okuyoba wusuku lokuvalwa kokuqokwa kwalabo abazongenela izikhundla.
UMnuz Cedric Gina
INLSA
Ethintwa uMathonsi uthe alikho iqiniso ngalezi zinsolo ngoba ubuholi bukazwelonke beSadtu yibo obuzonquma ngezithunywa nangodaba lwabazovotelwa kuCosatu.
“Ukuthathephi lokho futhi ubani okutshelile ngoba thina njengesifundazwe asihlangene nodaba lokukhetha ubuholi kuCosatu kodwa uhlaka lukazwelonke okuyilona kuphela olunegunya lokubhekelela lezo zinto,” kusho uMathonsi.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services