LITHOLWE selishonile izolo ekuseni ‘iphara’ ebeliphume ejele ngoLwesithathu ngemuva kokudonsa izinyanga eziwu-18 labuyela eMaskani, okuyindawo yababhema iwunga engaphansi kwebhuloho lesitimela elisemgwaqweni uChe Guevara (Moore Road), eThekwini.
Lo mlisa ubedume ngelika’Stew’ kuthiwa ungowaseLamontville ku-Road 6.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo lifice amanye ‘amaphara’ eqoqene ebuka ngosizi isidumbu sikaStew ebesimbozwe ngamasaka yize abanye bebebukeka bengazi nokuthi lidumephi.
Akhishwe naye ejele, uMnuz Siyabonga Ngcobo (24) waseMzinyathi, eNanda, uthe batholana ejele eWestville bajwayelana ngemuva kokuthola ukuthi bebebhema ndawonye ngaphambi kokuthi baboshwe.
“Wangibuza ukuthi iwunga bengiyibhema kephi. Ngamtshela ukuthi eMaskani. Wathi naye uboshwe esehamba iMaskani. Kuqondanile ukuthi sidedelwe ngosuku olulodwa okwenze ukuthi sihambisane.
“Ube esengincenga ukuthi siqale eMaskani ngaphambi kokuthi sigoduke. Ilapho efike khona wabhema iwunga. Ngimtshelile ukuthi ngisamile kancane kwiwunga ngizobhema ugwayi oluhlaza. Ubheme kwaze kwasa ubona ukuthi ubeseyikhumbule. Ngehora lesine ekuseni ngimcele ukuthi angiphelezele eMakethe. Ubesebheme kakhulu engasakwazi nokuvula amehlo,” kusho uNgcobo.
Uthe ubuye esethola umbiko wokuthi usale wakhwehlela kakhulu, waphalaza waze washona.
“Nangaphakathi ejele ubevele ekhwehlela, ngathi ubeneTB. Ubheme kakhulu wakhohlwa wangaphuza namaphilisi akhe. Mhlawumbe ungenwe nangamakhaza ngoba le ndawo ivulekile. Ngithuke kakhulu sengizwa kuthiwa ushonile. Siphume naye ejele engenalutho, besingakayi ngisho emakhaya. Kubo bazi ukuthi usangaphakathi ejele.
“Ngifike sebemkhumule namateku abekade ewagqokile. Noplastiki abewuphethe ubunezingubo zakhe zokugqoka nezincwadi zakhe zasesibhedlela. Owuthathile uthathe izimpahla walahla kude izincwadi zasesibhedlela ngoba engazidingi.Yizona ebezizosiza ukuthi kwaziwe igama lakhe langempela nokuthi uhlala kuphi nendawo,” kulandisa uNgcobo. Amaphoyisa kaMasipala weTheku abesendaweni yesigameko athe asezame kaningi ukuqeda izidleke zewunga edoloheni.
“Emasontweni ambalwa adlule khona oshayiswe isitimela ethi uyazikhulula kujantshi ngakhona kule ndawo. Kungenzeka ukuthi wayebanjwe iyona iwunga wangakwazi ngisho nokubaleka sekuqhamuka isitimela.
“Sike sibe nanemikhankaso sifike nabantu baseRehab sithi sizama ukubasiza balwisane nalolu bhubhane kepha abaningi bayabaleka. Lo shonile nje awazi ukuthi ubengagoduki ngani ngemuva kokuphuma ejele. Ubesekhumbule iwunga kanti usezoshonela khona la. Uma sebefuna le wunga yabo bahamba bebamba inkunzi, bahluphe umphakathi,” kusho iphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMbilo aphenya icala lokufa komuntu.
“Kuthiwa ngehora lesishiyagalolunye ekuseni kutholwe owesilisa ongaziwa eshonile ngaphansi kwebhuloho elisemgwaqweni u-M4. Imbangela yokufa kwakhe isaphenywa,” kusho uGwala.
Awutholakalanga umndeni kaStew.