NONTUTHUKO NGUBANE
K UKHALWA ngabafika sebephuze kakhulu utshwala sebengasalawuleki begcine sebebulala impahla abanye bentshontsha emibhikishweni yabanganeme ngamakhansela e-ANC azovotelwa ngokhetho lohulumeni basekhaya.
Isolezwe lithole ukuthi emibhikishweni eminingi okukhalwa ngabantu abasohlwini lwamakhansela “abangaziwa” kuba noquqaba olufika selungasakwazi nokuma ngenxa yokuphuza kakhulu utshwala.
Kuvele nokuthi lolu quqaba lufika lungabuzi lutho kodwa lungenele noma iyiphi impahla eseduze kwalo luyicekele phansi luze lushise nezimoto.
Lo mkhuba kuthiwa uyanda njengoba nemibhikisho iqhubeka.
NgoMsombuluko kuthinteke izindawo eziningi, okubalwa KwaMashu, Quarry Height, Kenville (Sea Cow Lake), ngesikhathi kume nse ukuhamba kwezimoto ngenxa yemibhikisho.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele lezi zindawo, iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba liveze ukuthi okubathwalisa kanzima ngabantu abafika kule mibhikisho beqiwe yizimbiza zikaFaro nokwenza bangabe besalawuleka.
“Inkinga enkulu abantu abafika kule mibhikisho bephuze utshwala kakhulu, bafike bamoshe yonke into. Ungabe usazi ukuthi kukhalwa ngekhansela noma benza ubugebengu. Noma sizama ukukhuluma nomphakathi usuke ungasalawuleki. Ubabona bephethe amabhodlela otshwala ngesandla beziphuzela bengalaleli uma sizama ukudambisa isimo,” kusho leli phoyisa.
Lokhu kuqinisekiswe ngomunye umthombo waKwaMashu othe abanye babantu abasuke bebhikisha bayabonakala beqala ngokuphuza utshwala bese befika sebevutha “bhe” embhikishweni.
“Ngisho nezingane ezincane ezisuke zikule mibhikisho zisuke seziphuze kakhulu, ziphethe amabhodlela ogologo ngesandla zingasalaleli,” kusho ilungu lomphakathi.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe bakhathazekile ngabantu abafika kule mibhikisho sebephuze ngokweqile.
“Sikhathazekile kakhulu njenge-ANC ngabantu abathi babhikishela amakhanseka kodwa befike sebephuze utshwala ngokweqile sesingakwazi nokukhuluma nabo. Sesitholile ukuthi le mibhiklisho akuyona eyabantu abakhala ngohlu lwamakhanseka kuphela kodwa kukhona nabantu abayizigilamkhuba abasuke behlose ukuzokona, beshise izimoto bangene nasezitolo bathathe impahla. Lokho akuhlangani namakhansela abasuke bekhala ngawo,” kusho uNtuli. Unxuse amaphoyisa ukuba angenelele kulezi zigameko.
EKenville kushiswe iBMW 1 series, kuthiwa kade iphucwe umshayeli obezihambela.
Isolezwe libuye lathola ukuthi le BMW entsha ibidayiswa ngabakwaWind Motors okuyindawo okushiswe kuyo izimoto ebezikhandwa khona.
Ngokusho kukaMnuz Pari Gounden oyimenenja kule ndawo, imoto yakhishwa ngothize egcekeni.
Kuthiwa umphakathi wamkhipha phakathi kule moto wamshaya wabe usuyishisa.
Kule ndawo kulinyazwe izimoto ezingu-20, kwashaqwa nempahla okubalwa isitofu, ushukela netiye.
Umonakalo kuleli bhizinisi kuvele ukuthi ungaphezu kuka-R3million ngenxa yalo mbhikisho.
Amaphoyisa athe aqaphe isimo kuzo zonke izindawo ebekunemibhikisho kuzo.
n Khonamanjalo izolo umphakathi waseNdwedwe ku-ward 18 ubuvale umgwaqo ukhala ngokufunzwa ikhansela.
Kuse ekuseni umgwaqo uvalwe ngamathayi avuthayo nezinguzunga zamatshe.
Ilungu lomphakathi elingathandanga negama liveze ukuthi bafunzwa uMnuz Zenzo Makhanya ekubeni bona befuna uMnuz Mandlenkosi Khubisa.
Umphakathi uthe usazoqhubeka nokuvala umgwaqo uma i-ANC ingazilaleli izikhalo zabo.