Kusolwe amarabi kushona ibhungu

Comment on this story
NO majola2~1 INLSA UNkk Nikiwe Majola umama ka Siyabonga obulawe amarabi.ISITHOMBE PATRICK MTOLO

SIMPHIWE NDWANDWE

KUSOLWA ukuthi amarabi asephinde akhipha isidumbu eThekwini kulandela ukushona kwebhungu laseTshelimnyama elilunywe yinja ngo-Julayi laze lashonela esibhedlela ngemuva kokugula okulixine isikhashana okuhlobene namarabi.

USiyabonga Majola (21) ushonele esibhedlela i-R K Khan ngemuva kokungeniswa kuso ebambekile ngenxa yokugonyuluka, ukuhlanza nokuphelelwa ngamandla.

Unina kamufi, uNksz Nikiwe Majola (40), uthe indodana yakhe yalunywa yinja yasendaweni ngoJulayi 19 yaze yaya esibhedlela ngomhla ka-22 ngoba iqiniswa yizinhlungu.

Esibhedlela uthe uSiyabonga akaze alaliswe wajovwa imijovo emine wase enikwa amaphilisi kwaba kuyaphela njalo. Uthe ukumqinisa ukugula kumqale ngoLwesibili ngeledlule ngesikhathi ezwa ehlaselwa ngamakhaza waze wacabanga ukuthi uphethwe ngumkhuhlane.

Ngosuku olulandelayo kumqinise kakhulu kangangoba bese kunzima ngisho ukuthi adle, esebuyisa into engapheli. UNksz Majola uthe bethukile uma esedlikiza into ehlasimulisayo base bemphuthumisa esibhedlela iR K Khan phakathi kwamabili lapho egcine eshonele khona ngoLwesihlanu.

NO majola4~1 UNkk Nikiwe Majola unina ka Siyabonga okusolakala ukuthi ubulawe amarabi INLSA

Uthe njengamanje kusalindwe ukuthi kwenziwe yonke imicikilisho yokuhlola ukuthi ngabe uhanjiswe yisifo samarabi ngempela yini uSiyabonga.

Lo mndeni ukhale kakhulu ngempatho engeyinhle umufi ayithole esibhedlela i-R K Khan lapho abathe ubenganakiwe futhi ngesikhathi beyombona ngoLwesine bamfica eboshelwe ebhedeni ngebhandishi eceleni kunokungcola kokuphalaza kungekho ofuna ukwesula ngoba amanesi ethi ayawesaba amarabi.

USiyabonga uzongcwatshwa ngoMgqibelo kanti kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe woMnyango wezoLimo nezeMvelo, uDkt Meshack Radabe, ekuseni ahambele lo mndeni ukuyokhalisana nawo ngokudlula emhlabeni kwendodana.

Okhulumela lo Mnyango, uMnuz Jeffrey Zikhali, uthe kusahanjiswe amasampula egazi ukuthi ayohlolwa e-laboratory ukuthi ngabe anaso yini lesi sifo samarabi ukuze kuqinisekiswe.

UMnuz Zikhali uthe umfana wakwaNzuza, eMlazi oneminyaka emine obelaliswe eMshiyeni ngoba enesifo samarabi usedluliselwe esibhedlela e-Clairwood.

Uthe isimo sakhe sibucayo njengasekuqaleni abukabikho ubungcono.

NO majola1~1 U Siyabonga Majola okusolwa ukuthi ubulawe amarabi INLSA

sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.