Advertisement

Kusule obeyisethenjwa eqenjini le-NFP

MLUNGISI GUMEDE

IGQEMEKE engeqiwa ntwala iNational Freedom Party (NFP) ngemuva kokulaxazwa yisethenjwa sayo uDkt Cedric Xulu (osesithombeni) osule isigubhukane ngempelasonto.

Dkt Cedric Xulu

UMnuz Xulu wazise uNobhala waleli qembu kuzwelonke uSolwazi uNhlanhla Khubisa ngesenzo sakhe.

Kwi-SMS Isolezwe elinayo uXulu ayithumelele uKhubisa, uthe uthathe isinqumo esibuhlungu sokuhoxisa ubulungu bakhe eqenjini. Uphinde wacela uKhubisa ukuba adlulise umyalezo wokwesula kwakhe kuMengameli wale nhlangano uNkk Zanele Magwaza-Msibi, wabe esefisela neqembu izibusiso nokuvikeleka njengoba liqhubekela phambili.

Lo mholi uke waba nguNobhala wale nhlangano isanda kusungulwa futhi wabamba neqhaza elikhulu kudwetshwa umthetho-sisekelo weqembu.

Amalungu ale nhlangano akhulume neSolezwe kodwa acela ukungadalulwa athe ukuhamba kukaXulu kuzoshiya isikhala esikhulu okuzoba nzima ukusivala.

Imizamo yokuthola uKhubisa ibhuntshile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa izolo.

Kunemibiko ethi ubengasaneme kuleli qembu kusukela ekhala ngaphansi embangweni wesikhundla sokuba nguNobhala asihlwithwa kabuhlungu nguKhubisa.

Kuvela nokuthi ubekwikhempu eyaziwa nge-Finish egcwele amalungu anganeme ngobu-holi bukaMagwaza-Msibi.

UXulu uthe usezogxila kwezamabhizinisi.

“Ikusasa alaziwa, kungenzeka ngiphinde ngibuye kwezombusazwe,” usho kanje.

SHOW ALL
Advertisement