isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Kuthatheke kakhulu imbokodo ku-Jeep Compass

Comment on this story


no jepcom1

.

AKUBUZWA ukuthi iphuma emndenini wakwa Jeep iCompass SUV eyethulwe ngonyaka odlule. Lokhu kubonakala kahle ngaphambili kwi grille nangaphakathi kwi dashboard. I sunroof yakhona eyokuncikisela kanti bekungaba kuhle ukuba bavele bangayifaka nhlobo

ININGI labantu besifazane muva nje libukeka lithathekile yile Jeep okungangabazeki ukuthi lidonswa amandla ayo nokwakheka kahle kwayo okunokuqoqeka

Kulezi zinsuku siya ngokukhula isibalo sabantu abashayela amaJeep kanti futhi okuqaphelekayo ukuthi iningi labo ngabesifazane. Ziningi izizathu ezenza lokhu. Okokuqala nje izimoto ezibukekayo, zinkulu okuyinto ethandwa iningi labesifazane kanti okukhulu kunakho konke ukuthi zishelela kamnandi nasemgwaqweni. Konke lokhu okungenhla ukuzwa kahle uma uhamba ngeJeep Compass Sport Utility Vehicle (SUV) yonyaka ka-2011.

Le moto ihluke kakhulu uma uyiqhathanisa nalena yokuqala eyilamayo eyakhishwa eminyakeni edlule. Le Jeep ithathelwe kwiDodge Calibre kodwa yona ziningi izinto ezitholakala kuyo ezingekho kwiCalibre.

Izihlalo zeCompass ekwazi ukulayisha abantu abahlanu bahlale ngokukhululeka iphuma nezindawo zokuphumuza izingalo ama-armrest kanti no-dashboard wakhona akusiwona lona owugqinsi wakuqala kodwa owamanje uthambile. Izihlalo zangemuva ziyakwazi ukuthi zilale kuvuleke esinye isikhala ongakwazi ulayishe impahla kuso. Yakhiwe nangendlela yokukwazi ukumelana nezimo ezinzima nokukwazi ukuthi ungabhajwa emigwaqweni uma uficwa yizikhukhula njengoba nesimo sezulu sishintsha mihla namalanga.

Ezangaphambili izihlalo nazo ziyakwazi ukulala zisebenzisa ibhathini. Injini yale Compass ingu-2.4 litre Limited Edition ekhiqiza amandla afinyelela 125kw kanye ne-torque 220Nm. Liyangichaza ibhathini lakhona le-4x4 eliseduze kwe-hand brake. Kungithathe isikhathi ngithungatha leli bhathini ngesikhathi sezingixakile izinto imoto ishibilika ematsheni. Emuva kokucindezela leli bhathini ubungathi kukhona abayidudulayo ngemuva imoto ngoba ivele yaziyela nje phambili.

Bayenze yaphakama kahle kwaJeep iCompass ngoba iwushiyile umhlaba ngo-200 mm. Ayilenzi iphutha uma ufaka amabhuleki ibamba ngqi ngaleso sikhathi ngokusizwa yi-four wheel disc antilock system ehambisana ne-brake assist kanye ne-traction control. Noma kuyimoto ephakeme kodwa yakhiwe yaqoqeka. Igrille yayo ngaphambili ixoxa indaba, igqize ngombala ocwebezelayo namangqumuza amalambu akuxwayisayo uma uvala imoto ukhohlwe ukuwacisha.

no jeepcom

Ngiyavumelana nozwakwethu uPeta uma ethi ungalindeli ukuthi le Jeep izokwenza imigilingwane okudume ngayo amanye amaJeep.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
BlinG
I'm a 20 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 21.
View Profile
BlinG
I'm a 20 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 21.
View Profile
Howad
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 35.
View Profile
IOL - dating
Ozo
I'm a 37 year old woman looking to meet men between the ages of 36 and 45.
View Profile
IOL - dating
nooky
I'm a 22 year old woman looking to meet men between the ages of 27 and 35.
View Profile
IOL - dating
PawPaw
I'm a 31 year old woman looking to meet men between the ages of 36 and 40.
View Profile