INLSA
uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma. Isithombe: Phill Magakoe
INTATHELI YESOLEZWE
ITHEMBA leNingizimu Afrika selibekwe ezandleni zamazwe angu-15 angamalungu e-African Union ekutheni agcine esitholile isikhundla asigaqele uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma (osesithombeni) sokuba nguSihlalo weKhomishini yale nhlangano.
Amazwe angaphansi kwe-Southern African Development Community (SADC) asethembise ukuthi ayofa lapho kufa khona uDkt Dlamini-Zuma.
Ukhetho lwalesi sikhundla luzoqalwa phansi kulandela ukuthi kwaba khona ukubambana ngamaphuzu phakathi kukaDkt Dlamini-Zuma noMnuz Jean Ping waseGabon emasontweni amabili edlule.
UNgqongqoshe wezangaPhandle e-Angola, uMnuz Robelo Pinto Chikoti, uthe lona kuzoba wumkhankaso wawo onke amalungu e-AU angaphansi kweSADC.
UDkt Dlamini-Zuma uzoba ngowesifazane wokuqala ukuthi abe sethubeni lokuhola le Khomishini kanti kuthiwa baningi abakholwa wukuthi angawenza ngendlela encomekayo umsebenzi azonikezwa wona.
Ukukhethwa kukaDkt Dlamini-Zuma kuyokhombisa ukuthi sekukhona lapho kubhekwe khona ngenkinga yokwehlukana phakathi kwabaholi basengxenyeni engenhla nezwekazi ekhuluma isiFrench naleyo esezansi ekhuluma isiNgisi.
Ngesikhathi kunokhetho lokuqala kwaba khona ukukhankasa okunzima uPing ekhankasa emazweni aseMpumalanga Afrika naphakathi nayo akhuluma isiFrench kanti uDkt Dlamini-Zuma yena wayekhankasa kuyo yonke i-Afrika.
Okwenza ukuthi uPing angasitholi isikhundla ayefuna ukubuyela kuso wukuthi akaze ayithole ingxenye yesithathu ebizomgunyaza ukuthi abuye athathe elinye ihlandla.
|
|
Services
Comment Guidelines