UMFUNDISI wodumo lwezinkulumo ezakhayo, uPastor Sthembiso Zondo, uphumele obala ngengcindezi ayinikezwa ngunina ofuna athathe unkosikazi.
UZondo udalule lokhu emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa obusesontweni lakhe iSoul Renaissance Centre eThekwini ngeSonto. Uthe unina, uNkk Albertina Zondo, uhlale embuza ukuthi kanti uganwa nini. “Uhlale ethi kufanele ngiganwe ngoba akufanele indoda ikhululeke kakhulu,” kusho uZondo kwachazeka abazalwane.
Kuzokhumbuleka ukuthi usanda kugilwa yintombazane eyafaka izithombe zakhe enqunu ezinkundleni zokuxhumana. Lesi sigameko senza abaphathi boKhozi FM neSABC bamkhomba indlela ohlelweni lwasekuseni i Vuka Mzansi Breakfast Show.
UZondo ufike ehamba nonina, indodakazi yakhe nomfowabo.
Kunandise omaskanda uMjikijelwa, Bahubhe neThwasa Lekhansela, Nobathembu weJoyous Celebrations, Babo Ngcobo neqembu lakhe nosomahlaya uSimphiwe Shembe.
Umbhali wencwadi ethi Dear Jacob uSoweto Mandlanzi nomsakazi woKhozi FM uSipho ‘Sgqemeza’ Mbatha bakhuthaze abazalwane ngezinkulumo ezakhayo.
UZondo ubuye abonakale noMvangeli Moffat Ndlovu kwi Command A Day kwi-1KZNTV (Dstv Channel 261) ngoMsombuluko ngo-6 ekuseni.