KUSOLWA ukuthi ubulawe wumgwinyo uSimphiwe “Boy Boy” Mosia owazakhela udumo emaqenjini aseNingizimu Afrika ebhola eminyakeni eyedlule.
UMosia (31) udlule emhlabeni ngeSonto ekuseni ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela ngoba emiswe kabi yileli philisi eselizakhele igama ngokuqeda impilo yentsha.
Le nsephe yomdlali ishiye emhlabeni ingane yomfana enezinyanga ezinhlanu kwazise umndeni wayo uveze ukuthi izalwe ngoFebhuwari.
UNkk Anna Nene, umamkhulu kaMosia, utshele leli phephandaba ngesikhathi livakashele umndeni eHammarsdale izolo emini, ukuthi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kwalesi sihlabani.
“Lo muzi esihlezi kuwona wakhiwe nguyena uBoy Boy. Zonke izinto ezilapha endlini zithengwe nguyena. Ubewuthanda umndeni wakhe ngoba wancamela ukugcina ngemoto kwazise uyithenge eseqedile ukwakha umuzi wakubo. Sibuhlungu ngokudlula kwakhe emhlabeni ngoba ubefana nesibani kulo mndeni. Ushona nje usanda kuthola itoho. Bese kuphele inyanga ethole umsebenzi. Udlule emhlabeni ngeSonto ngabo-8 ekuseni.
“NgoMgqibelo ekuseni wahamba eya emgcwabeni, kwathi ntambama wabuya. Ngathi ngisabeka amanzi ngezwa ememeza emnyango ethi naba abantu bengidubula. Sathi siyaphuma amaselula akhe asethathiwe. Wafika edle iphilisi engangikade ngimkhuzile ngalo kwazise ngamtshela ukuthi uzofa uma eqhubeka nalo. Ngashayela umama wakhe ucingo ngamtshela ukuthi nangu-ke uBoy-Boy usedle leli philisi lakhe. NgoMgqibelo wayengafani nangesikhathi eqala ukufika edle leli philisi. Ngesikhathi efika okokuqala wayejuluke emfoma,” kulandisa uNkk Nene.
UMosia uzakhele igama emaqenjini ezinkulisa ezinohlonze ngaphambi kokuthi ayibambe esigabeni esikhulu.
Ukhulele eSchool of Excellence, AmaZulu nakuChelsea yase-England. Kwelesizwe udlale eqenjini lika-Under 20 nelika-Under 23.
Phakathi kwamaqembu adlale kuwona kukhona i-Orlando Pirates, Ajax Cape Town, Chelsea yase-England, K.V.C Westerlo, K.F.C Dessel Sport ne-Oud-Heverlee Leuven wonke okungamaqembu aseBelgium.
UMosia ugcine ukubonakala esigabeni esikhulu ngesizini ka-2008/2009 edlubhe imifaniswano yeMpumalanga Black Aces.
Lo mdlali owayeyibamba esiswini wake wazama inhlanhla kuManchester United yase-England kodwa kwangalunga.
“Ubengaphefumuli kahle uma esedle leli philisi. NgoMgqibelo saze samkhumula ngisho isikibha ngoba wayeze akhiphe ulimi. Sathinta abangani bakhe simbuza ukuthi kwenziwa njani uma usudle leli philisi. Wazivumela yena ukuthi uyalibona iphutha lakhe futhi ngeke aphinde ayidle le nto. Kwathi kusenjalo samuzwa esememeza ethi namuhla ngiyafa. Wathi ikhanda ngathi lifuna ukuqhuma. Wafuna amanzi samnika. Wayengakwazi ngisho ukuhlala phansi,” kusho uNkk Nene.
“Samphuthumisa esibhedlela kukubi. Bazama ukubuyisa umoya esibhedlela sathi ukubuyelwa yithemba. Ngemuva kwesikhathi udokotela wangibiza wangitshela ukuthi kuyabheda ngoba leli philisi liye ebuchosheni. Wangitshela ukuthi amathuba okuthi aphile mancane. Wathi ngokomthetho useshonile. Ngo-8 kwathiwa useshonile. Ngaphandle kwephilisi udokotela bathi kukhona okunye akudlile okuwushevu,” kuphetha uNkk Nene.