Kutholwe isidumbu soyedwa weZemvelo

Comment on this story
no Ranger . KUSATHOLAKALE isidumbu somsebenzi oyedwa weZemvelo okusolakala ukuthi uminze echibini iNhlabane ngoLwesihlanu. Lapha ngomunye wabasebenzi obekhombisa ngomphini otholakale ngesikhathi kucingwa. Isithombe : Sithunyelwe

BONISWA MOHALE

ASAQHUBEKA amapho-yisa nokuthungatha umsebenzi weZemvelo KZN Wildlife oduke behamba ngesikebhe ngoLwesihlanu echibini iNhlabane eliseNseleni Game Reserve.

Izolo izikhulu zale nhlangano zithe ngeSonto kutholakale umphini wokugwedla kanti izolo kutholwe isikebhe akade behamba ngaso kanye nesidumbu soyedwa.

Kulethwe amaphoyisa ahamba ngendiza enophephela emhlane okuyiwona athungatha lo msebenzi okusolakala ukuthi uminzile.

Kukhona namaphoyisa ahamba nezinja ezithungatha umkhondo alokhu ezulazula eNhlabane.

Esitatimendeni esithunye-lwe ngabeZemvelo KZN Wildlife bathe abasebenzi abebekulesi sikhebhe ngoMnuz Mbazwani Mhlongo (57) noMnuz Phumlani Mthembu (34).

UMhlongo noMthembu banyamalale emuva kokuthi besuse inethi eyayifakwe ngabadoba ngokungemthetho eNhlabane. Ozakwabo ababili ababehamba nabo kodwa bona besemotweni bathi bathuke bengasababoni labo abebehamba ngesikebhe base besola ukuthi kukhona okushaya amanzi.

UMhlongo kuthiwa waqala ukusebenzela Ezemvelo ngo-1976 eseNseleni Nature Reserve kanti usehlabene ngezindondo ngokuzimisela emsebenzini. Ushadile kanti unezingane eziyisithupha. UMthembu yena uqale ukusebenza kwezemvelo ngo-1995 kanti ubesanda kufika eNseleni njengoba ebesebenza eHluhluwe iMfolozi Park. Unengane yomfana kuphela.

Kulindwe umndeni ukuhlonza isidumbu somsebenzi otholakele.

Kunxuswe abantu ukuba babikele abeZemvelo uma bebona abadoba ngokungemthetho echibini laseNhlabane ngoba kuyicala.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.