Advertisement
logoSections

Kutholwe isidumbu soyedwa weZemvelo

BONISWA MOHALE

ASAQHUBEKA amapho-yisa nokuthungatha umsebenzi weZemvelo KZN Wildlife oduke behamba ngesikebhe ngoLwesihlanu echibini iNhlabane eliseNseleni Game Reserve.

KUSATHOLAKALE isidumbu somsebenzi oyedwa weZemvelo okusolakala ukuthi uminze echibini iNhlabane ngoLwesihlanu. Lapha ngomunye wabasebenzi obekhombisa ngomphini otholakale ngesikhathi kucingwa. Isithombe : Sithunyelwe

Izolo izikhulu zale nhlangano zithe ngeSonto kutholakale umphini wokugwedla kanti izolo kutholwe isikebhe akade behamba ngaso kanye nesidumbu soyedwa.

Kulethwe amaphoyisa ahamba ngendiza enophephela emhlane okuyiwona athungatha lo msebenzi okusolakala ukuthi uminzile.

Kukhona namaphoyisa ahamba nezinja ezithungatha umkhondo alokhu ezulazula eNhlabane.

Esitatimendeni esithunye-lwe ngabeZemvelo KZN Wildlife bathe abasebenzi abebekulesi sikhebhe ngoMnuz Mbazwani Mhlongo (57) noMnuz Phumlani Mthembu (34).

UMhlongo noMthembu banyamalale emuva kokuthi besuse inethi eyayifakwe ngabadoba ngokungemthetho eNhlabane. Ozakwabo ababili ababehamba nabo kodwa bona besemotweni bathi bathuke bengasababoni labo abebehamba ngesikebhe base besola ukuthi kukhona okushaya amanzi.

UMhlongo kuthiwa waqala ukusebenzela Ezemvelo ngo-1976 eseNseleni Nature Reserve kanti usehlabene ngezindondo ngokuzimisela emsebenzini. Ushadile kanti unezingane eziyisithupha. UMthembu yena uqale ukusebenza kwezemvelo ngo-1995 kanti ubesanda kufika eNseleni njengoba ebesebenza eHluhluwe iMfolozi Park. Unengane yomfana kuphela.

Kulindwe umndeni ukuhlonza isidumbu somsebenzi otholakele.

Kunxuswe abantu ukuba babikele abeZemvelo uma bebona abadoba ngokungemthetho echibini laseNhlabane ngoba kuyicala.

SHOW ALL
Advertisement