NONTUTHUKO NGUBANE
OSANDA kuqopha umlando ewina iComrades Marathon emuva kweminyaka eyisikhombisa abakuleli bengaliboni elidlalayo angase alahlekelwe yisicoco sakhe emuva kokutholakala ukuthi usebenzise isikhuthazi esingavumelekile.
Izolo kuquke imibiko yokuthi uLudwick Mamabolo (35) waseLimpopo kuvele ukuthi imiphumela yokuhlolwa kokuqala kwegazi lakhe elathathwa emuva kwalo mjaho obungoJuni 3 eThekwini linezinhlayiya zesikhuthazi se-Methylhexanamine esingadingeki kubagijimi.
Lesi sidakamizwa kukholakala ukuthi sinika umdlandla owengeziwe kubagijimi futhi singasetshenziswa njengomuthi wokwelapha ukucinana kwamakhala uma uphethwe wumkhuhlane.
Uma elahlwa yicala uMamabolo angalahlekelwa yisithunzi sakhe nemali ecela ku-R1 million ngokuba ngumpetha kulo mjaho.
Ethintwa yiSolezwe izolo lo msubathi uphike wama ngentaba ngokwazana nalezi zindaba zokudla lesi sikhuthazi.
“Ngifana nawe nami, angikatshelwa lutho. Ngimangele nje ngizwa ngabangani bami ukuthi babone kuthelevishini ukuthi mina ngitholakale ngidle isidakamizwa engingasazi nokuthi yini igama laso. Mina iComrades ngayiwina ngendlela efanele,” kusho yena.
Ngokwakhe, uyakugcizelela ukuthi umsulwa kuze kube kuyasongwa ukuhlolwa kwegazi lakhe eselithunyelwe phesheya kwezilwandle eGermany ukuba kuqhutshekwe nokwenziwa ucwaningo lalo.
“Ngifisa ukuthi kuphinde kuhlolwe futhi uma kukhona okuvelayo okungagculisi, kodwa engikwaziyo wukuthi ngimsulwa futhi akukho engikufihlayo,” kusho yena.
UMamabolo waqeda lo mjaho ngesikhathi esingu-05:31:03. Uma ephucwa lesi sicoco, uBongumusa Mthembu waseBulwer KwaZulu-Natal owaphuma isibili nguyena ozoba ngumpetha omusha okusho ukuthi zonke izizumbulu zalo mjaho kuzoba ngezakhe.
UFusi Nhlapho owaphuma indawo yesi-11, uzongena ngembobo yenalithi kwabayishumi.
UMthembu ethintwa ngalolu daba ubhoke ngolaka wathi akafuni nokuyikhuluma le ndaba ngoba akukakhishwa lutho oluqinisekiswayo.
“Ake nilinde, kuze kube kuyakhishwa kwabezindaba ukuthi kwenzekani. Ukulokhu kuqagelwa ngeke kusize muntu. Angeke ngisho lutho kuze kube semthethweni yonke into,” kusho uMthembu ngamafuphi.
Lesi sigameko akusona esokuqala senzeka kwi-Comrades ngo-1992, uCharl Mattheus, watholakala ukuthi wayedle isikhuthazi esingafanele wabe esephucwa konke ayekuwinile ngalowo nyaka wathola nesigwebo ngesenzo sakhe.
UMamabolo angase atholane nolaka lweSouth African Institude for Drug-Free Sport (Saids) azithole esegwetshwa iminyaka emibili engazibandakanyi nhlobo nezokusubatha. Kuthintwa imenenja yabasubathi bakwaMr Price, uGraham Daniels, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba basafuna bonke ubufakazi.
“Akukho engingakusho kwabezindaba njengamanje. Uma sesinolwazi olugcwele ngalolu daba siyobe sesiphefumula ngalo,” kusho uDaniels ngamafuphi.
AbeComrades Marathon bakhiphe kwi-Twitter ngokuphoxeka kwabo ngalolu daba izikhulu zakhona zithintwa ngocingo bezingatholakali. Ucwaningo eGermany luzothatha amasonto abalelwa kwamane.
Uma imiphumela ishintsha izoma kanje:
1.Bongumusa Mthembu 05:32:42, 2. Leboko Nato 05:32:42, 3. Marko Mambo 05:33:40, 4. Leonid Shvetsov 05:35:20, 5. Stephen Muzhingi 05:38:06, 6. Lephetesang Adoro 05:38:30, 7. Gift Kelehe 05:38:39, 8. Claude Moshiywa 05:39:11, 9. Petros Sosibo 05:40:37 , 10. Fusi Nhlapho 5:40:33.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services