Kutholwe izimpahla ezebiwe eVerulam

Comment on this story
VERULEM RECOVERIES 001

BAWINILE NGCOBO

KUBOSHWE amadoda ayisishiyagalolunye ngamacala okugqekeza nokweba eVerulam namaphethelo emkhankasweni wamaphoyisa obungoLwesihlanu.

Amaphoyisa athole inqwaba yezimpahla zokwebiwa ebesezidayisiwe okubalwa kuzo ama-laptop, ama-LCD TV, imisakazo yezimoto, izipikha nokunye.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane, uthe ukudlanga kwezigameko zokugqekezwa kwemizi kwebiwe izimpahla ezindaweni zaseVerulam okubalwa kuzo iWaterloo, eMawoti naseMawotana kuphoqe ukuthi kubunjwe ithimba lamaphoyisa elizobhekana namacala okugqekeza.

“Leli thimba liqale umkhankaso walo ngoLwesine ntambama kwaze kwashaya uLwesihlanu. Babambe abasolwa eWaterloo, eMawoti naseMawotana. Abasolwa bese bekhombisa amaphoyisa lapho bedayise khona ezinye izimpahla,” kusho uZwane.

Uthe ezinye izimpahla zitholwe komakhelwane babasolwa.

Kuthiwa kubanjwe nabasolwa abebefunelwa amacala ango-2010.

Abanye balaba basolwa kuthiwa bebefunelwa amacala okugqekeza nokweba izimpahla eDurban North.

UZwane uthe omunye walaba basolwa bathole ukuthi uthinteka emacaleni amaningi alolu hlobo.

Uthe iningi lezimpahla abazitholile sebekwazile ukuziyamanisa namanye amacala okugqekeza ayevuliwe.

UZwane uthe labo abazaziyo ukuthi bathenga izimpahla zokwebiwa ezazidayiswa ngabafana abazilethe emaphoiseni ngoba amaphoyisa uma ezithola kubo nabo bazoboshwa.

“Abantu kumele bazi ukuthi kuyicala ukuthenga impahla edayiswayo ungazi ukuthi ithathwephi, uma utholwe nempahla oyithenge yebiwe nawe uzothweswa icala,” kusho uZwane.

Abasolwa bavele eNkantolo eVerulam kanti abanye bazobuye baphinde bavele eDurban North ngamacala okugqekeza khona.

Amaphoyisa alindele ukuthi athole ezinye izimpahla.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.