Advertisement

Kutholwe obekuyinkinga kwelakwa-1Time

Ibhanoyi lakwa-1Time okwaphoqeleka ukuba lithi cababa ngokushesha eKing Shaka International Airport ngempelasonto, sekutholakale ukuthi belinenkinga yenjini.

Lokhu kushiwo ngabakulesi sikhumulo sezindiza izolo.

Okhulumela lesi sikhumulo, uNksz Phindiwe Gwebu, uthe: “Uphenyo olwenziwe luveze ukuthi leli bhanoyi libe nenkinga enjinini yangakwe-sobunxele.”

Leli bhanoyi belilibangise eCape Town.

Imigwaqo yamabhanoyi kulesi sikhumulo kudingeke ukuthi ivalwe kusukela ngo-5 ntambama kuya ku-8 ebusuku ngeSonto.

SHOW ALL
Advertisement