Kutholwe umbombayi wensipho

Comment on this story
Copy of ND BLUFF1~1 INLSA ABAPHENYI bakwaSARS besendaweni okugaywa kuyo insipho engumbombayi efakwa emaphaketheni eSunlight bese idayiselwa umphakathi. Isithombe: SIBUSISO NDLOVU

BAWINILE NGCOBO

KUNGENZEKA ukuthi ungene esitolo uzitshela ukuthi uthenga insipho eyimpuphu iSunlight kanti ushaywa ngemfe iphindiwe uthenga umbombayi wensipho.

Izolo amaphoyisa ashaqe inqwaba yensipho eyimpuphu ewumbombayi ebifakwa emaphaketheni eSunlight kwenye yamafemu eJacobs ngoLwesithathu.

Abantu abathenga le nsipho basuke bezitshela ukuthi bathenga ungqo weSunlight kanti bathenga le eyenziwa kule femu ngamakhemikhali asuke ethuthelwe kwelakuleli esuka eChina. Kuboshwe imenenja yefemu okuthiwa kwakhiwa kuyo lo mbombayi.

Amaphoyisa athi uphenyo lwawo ngale ndawo bese lunezinyanga ezintathu luqaliwe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Vincent Mdunge uthe ngoLwesithathu amaphoyisa agasele kule ndawo athola umshini okukhiqizwa ngawo insipho.

“Bekunamaphakethe acishe afane nenye yensipho (Sunlight) yokuwasha, le nsipho efakwa kuwo. Leli phakethe okufakwa kulo le nsipho lihluke kancane kunaleli lensipho yangempela ngoba alinalo usuku lokusho ukuthi insipho ungayisebenzisa kuze kube yisiphi isikhathi,” kusho uMdunge.

Uthe leli phakethe kumele ulibukisise kahle ukuze ubone umehluko phakathi kwalo nele Sunlight yangempela.

Uthe abanikazi bale nkampani baletha ama-chemical asuka eChina ngenhloso yokuthi adluliselwe emazweni angomakhelwane baseNingizimu Afrika afana noBotswana noZambia.

“Lokhu akwenzeki njengoba lawa makhemikhali ethathwa echwebeni eThekwini ayiswe kule femu afike athakwe ukwenza le nsipho eyimpuphu bese idayiswa ezitolo ezijwayele ukudayisa izimpahla ngamanani aphansi,” kusho uMdunge.

Uthe laba banikazi benkampani babalekela ukukhokha intela kwa-SARS njengoba beletha la makhemikhali abawasebenzisayo kuleli ngokungemthetho noma bengasho ukuthi yini ngempela esuke ikuma container abo nokuthi iya kuphi.

“Okunye okukhathazayo ngale nsipho ukuthi iyingozi kubantu abayisebenzisayo ngoba lawa makhemikhali akwazeki ukuthi athakwe ngendlela yakhona yini,” kuchaza uMdunge.

Uthe imenenja yale femu eneminyaka engu-38 ibekwe icala lokukhwabanisa nelokwephula umthetho ohambisana nokuthuthwa kwezimpahla.

“Umnikazi wefemu useChina okwamanje kodwa uma ebuya naye uzoboshwa,” kuchaza uMdunge. Abakwa Unilever okungabakhiqizi beSunlight abatholakalanga ukuba baphawule.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.