Gallo Images
Joseph Skheshekheshe Mkhonza
ZODWA NDABA
AKUCACI kahle ngohambo lweBanyana Banyana oluya eGermany lapho bekumele kuqhubeke khona amalungiselelo emidlalo yama-Olympics aseLondon kusukela ngoJulayi 27 asongwe ngo-Agasti 12.
Leli qembu eliholwa uJoseph “Skheshekheshe” Mkhonza (osesithombeni) bekumele lifulathele elakuleli namuhla lihlale izinsuku ezingu-15 eGermany lapho belizobe selizipholisha okokugcina ngaphambi kwale midlalo emikhulukazi.
IBanyana, eGermany, beyihlelelwe ukuthi izodlala imidlalo emibili yobungani neGreat Britain neFrance. Le midlalo ibizodlalwa ezinkundleni ezifihlekile ukuze bangabonwa izinhloli zamaqembu abazodlala nawo kuma-Olympics. Leli phephandaba lithole ngomthombo walo ongaphakathi kuSafa ukuthi le nhlangano ibhala iyacisha ngalolu hambo njengoba nabadlali besalinde ukuthi baziswe ngokuthi bayahamba yini. “Okwamanje akukacaci kahle ngohambo silinde amahora angu-24 ukuthi sazi. Kodwa ngathi uhambo luzogcina lubhuntshile ngenxa yezizathu engingazazi zangaphakathi,” usho kanje umthombo.
Isolezwe lizama ukuzitholela kubadlali ukuthi ngabe sebazisiwe yini ngohambo omunye umdlali weBanyana uthe: “Ngisekhaya okwamanje ngisaphumule nami bengazi ukuthi sizohamba ngoLwesibili (namuhla) kodwa okwamamanje sisalinde ukuthi basifonele basazise ngohambo.” Ebuzwa ukuthi ngabe bahlale baziswa ekugcineni yini ngohambo uthe bahlale betshelwa kusenesikhathi okungenzeka ukuthi kukhona okusalungiswa njengoba bekubuywa kumaSasol League National Championships abebanjelwe eThekwini naphele ngeSonto.
U-Ace Kika oyinhloko yamaqembu esizwe ethintwa mayelana nohambo lweBanyana ukhombe intatheli kwimenenja yaleli qembu uLydia Monyepao.
“Ngisacela ufonele uLydia ngalolo daba okwamanje angikho ehhovisi ngeke ngikwazi ukuxoxa,” usho kanje.
UMonyepao uthe: “Okwamanje sisaxoxisana nabaseGermany mayelana nendaba yokulungisa ama-visa. Asikakazi ukuthi sizohamba nini.”
IBanyana kulolu hambo beyizohlangana nabadlali abagijima emaqenjini aphesheya okunguNompumelelo Nyandeni, Roxanne Barker noKylie-Ann Louw
Leli qembu elikleliswe endaweni ka-65 emaqenjini omhlaba liseqoqweni elilodwa neSweden, Canada ne Japan wonke akleliswe ngaphansi kuka-10.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services