Kuvalwe ithuluzi lokuhlolela igciwane le-Aids

Comment on this story
no Copy of BR Health Minister _1344 (2) (26658543) . Dkt Aaron Motsoaledi

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi (osesithombeni), uselivalile ithuluzi lokuhlolela igciwane lengculazi elibizwa nge-SD Bioline.

Lezi zindaba zivele izolo kanti uMotsoaledi uvale leli thuluzi emuva kokuthola ukuthi inhlangano eyengamele ezempilo emhlabeni, i-World Health Organisation, ithi malingasetshenziswa.

Izolo uMnuz Fidel Radebe okhulumela uNgqongqoshe wezeMpilo akazange asho ukuthi mangaki amathuluzi asekhishwe wuhulumeni kulawo angu-4.5 million ayethengiwe.

Uthe la mathuluzi abengakafinyeleli kuzo zonke izifundazwe kanti ngoLwesihlanu bazobe sebazi ukuthi yiziphi ezinawo.

UMnuz Jabulani Sikhakhane obhekele uMnyango wezeziMali utshele abezindaba ukuthi kusaphenywa ukuthi ithenda yokuthenga la mathuluzi abiza u-R22.5 million yakhishwa kanjani.

I-Democratic Alliance ithe ukuthengwa kwala mathuluzi kubeka abantu bakuleli engcupheni njengoba livele linabantu abangaphezu kuka-5 million abaphila ne-HIV.

“Uma silwa nokubhebhetheka kwe-HIV sigqugquzela abantu ukuba bazazi isimo sabo sezempilo, manje bazozazi kanjani uma amathuluzi ebuyela emuva? Kufanele ungqongqoshe aphendule ngalokhu kuthengwa kwamathuluzi nokubeka abantu bakuleli engcupheni,” kusho uNkk Patricia Kopane we-DA.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.