Kuvela ubufakazi kwelaPistorius

Comment on this story
no Copy of Copy of Copy of PN oscar chris INLSA UMGIJIMI u-Oscar Pistorius ubezimboze ubuso ngejakethi ngemuva kokuboshwa emzini wakhe ngoLwesine ngecala asolwa kulo lokubulala intombi yakhe abebenezinyanga ezine bethandana nayo uReeva Steenkamp. Kusasa uzofaka isicelo sebheyili. Isithombe: Chris Collingridge

INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA aseziqhelelanisile nokuputshuka kombiko othinta icala lokubulala elibhekene nomgijimi u-Oscar Pistorius oveza isihluku okwabulawa ngaso intombi yakhe uReeva Steenkamp emzini walo mgijimi ngoLwesine ekuseni.

Izolo iphephandaba i-City Press liveze ukuthi endlini kaPistorius kwatholakala nenduku yokudlala ikhilikithi okusolwa ukuthi yasetshenziswa ukushaya ngaphambi kokuba uReeva abulawe ngokudutshulwa. Leli phephandaba lithi lithole lolu lwazi emuva kokuxoxisana nabantu “abasondelene” nophenyo lwamaphoyisa. Okunye okuvelayo ukuthi lo mgijimi wafonela uyise ekuseni ngoLwesine futhi linayo yonke imininingwane yengxoxo yabo. Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini wakhe emuva kwesigameko kuthiwa anxusa ukuba uPistorius ahlolelwe izidakamizwa. Leli phephandaba lithi uReeva wayeshayeke kanzima ekhanda.

“Angazi ukuthi laba bantu bazithathaphi lezindaba,” kusho okhulumela amaphoyisa uLt. Col. Katlego Mogale izolo

Lo mgijimi ubekwe icala lokubulala okuhleliwe kanti uboshiwe. Kusasa uzofaka isicelo sebheyili enkantolo. Uphiko labesifazane be-ANC luthi kumele lo mgijimi anqatshelwe ibheyili.

Izolo abe-National Prosecuting Authority ngomlomo womkhulumeli wayo uMedupe Simasiku bathe kumele umthombo walolu daba udalulwe.

no py of Copy of Copy of South Africa Pistorius Girlfriend's Show UReeva Steenkamp. AP

USimasiku uthi ngoLwesihlanu amaphoyisa akhipha idokodo elalingenabo bonke ubufakazi elabe lisaphenywa, ase etshela abe NPA ukuthi njengoba uphenyo lusaqhubeka kuningi abasazokuthola ngaphambi kokuba baqede ngedokodo.

I-City Press ithe amaphoyisa abheka zonke izinhlangothi ngalolu daba abheka nokuthi induku yekhilikithi eyatholwa emzini kaPistorius kungenzeka ukuthi yayisetshenziswa uReeva ukuzivikela. Kuvela nokuthi ngo 3.20am uPistorius wafonela uyise emcela ukuba aphuthume emzini wakhe. Kuthiwa ngesikhathi umndeni ufika uPistorius wayeqiqinge isidumbu sentombi yakhe. Eminye imibiko ithi uPistorius wafonela umngani wakhe wesifazane naye waphuthuma emzini wakhe khona ekuseni ngaphambi kokubizwa kwe- ambulensi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.