Advertisement

Kuvela ubufakazi kwelaPistorius

AMAPHOYISA aseziqhelelanisile nokuputshuka kombiko othinta icala lokubulala elibhekene nomgijimi u-Oscar Pistorius oveza isihluku okwabulawa ngaso intombi yakhe uReeva Steenkamp emzini walo mgijimi ngoLwesine ekuseni.

Izolo iphephandaba i-City Press liveze ukuthi endlini kaPistorius kwatholakala nenduku yokudlala ikhilikithi okusolwa ukuthi yasetshenziswa ukushaya ngaphambi kokuba uReeva abulawe ngokudutshulwa. Leli phephandaba lithi lithole lolu lwazi emuva kokuxoxisana nabantu “abasondelene” nophenyo lwamaphoyisa. Okunye okuvelayo ukuthi lo mgijimi wafonela uyise ekuseni ngoLwesine futhi linayo yonke imininingwane yengxoxo yabo. Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini wakhe emuva kwesigameko kuthiwa anxusa ukuba uPistorius ahlolelwe izidakamizwa. Leli phephandaba lithi uReeva wayeshayeke kanzima ekhanda.

UMGIJIMI u-Oscar Pistorius ubezimboze ubuso ngejakethi ngemuva kokuboshwa emzini wakhe ngoLwesine ngecala asolwa kulo lokubulala intombi yakhe abebenezinyanga ezine bethandana nayo uReeva Steenkamp. Kusasa uzofaka isicelo sebheyili. Isithombe: Chris Collingridge. Credit: INLSA

“Angazi ukuthi laba bantu bazithathaphi lezindaba,” kusho okhulumela amaphoyisa uLt. Col. Katlego Mogale izolo

Lo mgijimi ubekwe icala lokubulala okuhleliwe kanti uboshiwe. Kusasa uzofaka isicelo sebheyili enkantolo. Uphiko labesifazane be-ANC luthi kumele lo mgijimi anqatshelwe ibheyili.

Izolo abe-National Prosecuting Authority ngomlomo womkhulumeli wayo uMedupe Simasiku bathe kumele umthombo walolu daba udalulwe.

USimasiku uthi ngoLwesihlanu amaphoyisa akhipha idokodo elalingenabo bonke ubufakazi elabe lisaphenywa, ase etshela abe NPA ukuthi njengoba uphenyo lusaqhubeka kuningi abasazokuthola ngaphambi kokuba baqede ngedokodo.

I-City Press ithe amaphoyisa abheka zonke izinhlangothi ngalolu daba abheka nokuthi induku yekhilikithi eyatholwa emzini kaPistorius kungenzeka ukuthi yayisetshenziswa uReeva ukuzivikela. Kuvela nokuthi ngo 3.20am uPistorius wafonela uyise emcela ukuba aphuthume emzini wakhe. Kuthiwa ngesikhathi umndeni ufika uPistorius wayeqiqinge isidumbu sentombi yakhe. Eminye imibiko ithi uPistorius wafonela umngani wakhe wesifazane naye waphuthuma emzini wakhe khona ekuseni ngaphambi kokubizwa kwe- ambulensi.

SHOW ALL
Advertisement