Advertisement

Kuvele abangu 11 ngokuqhumisa ama-ATM

NONTUTHUKO NGUBANE

AVELE enkantolo yaseHowick izolo amadoda angu 11 asolwa ngokuba ngongqondongqondo ekuqhumiseni imishini yemali ngamabhomu esifundazweni.

AMADODA angu-11 asolwa ngokuba ongqondongqondo ekuqhunyisweni kwemishini yemali avele enkantolo yaseHowick izolo. Isithombe: SHAN PILLAY

Abasolwa babhekene nohide lwamacala, okubalwa elokubulala iphoyisa lophiko lezinja uConstable Vidhur Jadoo eHowick. Kuthiwa iveni eyayihamba abasolwa yayilayishe iziqhumane ezisetshenzizwa ukuqhumisa imishini yemali.

Abanye abasolwa kuvele ukuthi bayafunwa ngamacala afanayo enzeka eGoli, eKapa naseFree State.

Ukuboshwa kwabasolwa kulandela uphenyo loKlebe ngemva kochungechunge lwezigameko zokuqhunyiswa kwemishini yemali. Umshini wokugcina uqhunyiswe eHowick lapho kushone khona uJadoo.

Abasolwa kuthiwa bahlala ehostela eGoli kodwa bangabokuzalwa KwaZulu-Natal.

Emva kokuphonswa imibuzo ngamaphoyisa abasolwa kuthiwa bathatha amaphoyisa bawayisa emzini othile eManguzi lapho kwatholwa khona izibhamu ezine ezingama AK-47 okusolwa ukuthi yizo ebezisetshenziswa ebugebengwini.

Abasolwa baphinde batholwa neveni eyebiwe abebehamba ngayo. Laba basolwa babhekene namacala okuphanga kuhlonyiwe, wukutholakala nezibhamu neziqhumane nemoto eyebiwe.

Kulindeleke ukuthi abasolwa baphinde bavele enkantolo ngoJanuwari 22.

SHOW ALL
Advertisement