Kuvele obekuhloswe abe-FFP

Comment on this story
no Copy of Copy of Copy of ST terror115 INLSA ABASOLWA abebevele eNkantolo yeMantshi eBloemfontein ngecala lokuzama ukuketula umbuso nobushokobezi ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela ye-ANC e-University of the Free State, eMangaung. La madoda angoMnuz Hein Boonzaair, Mnuz Johan Prinsloo, Mnuz Mark Troller noMnuz Martin Keevey. Isithombe: CHRIS COLLINGRIDGE

INTATHELI YESOLEZWE

INKANTOLO yaseBloemfontein isithole ukuthi isigejana sabesilisa abasolwa ngokuba seqenjini lontamolukhuni bebenezinhloso zokusoconga uMengameli wezwe nabaholi abaphezulu be-ANC noNgqongqoshe abehlukene.

Lokhu kuvele izolo ngesikhathi la madoda evela enkantolo okokuqala ngemuva kokuthi eboshwe lingakaphumeleli itulo lawo.

Konke lokhu bekuhlelwe ukuthi kwenziwe engqungqutheleni ye-ANC eqhubekayo eMangaung kodwa kwabhuntsha uhlelo ngesikhathi amaphoyisa elunywa indlebe babanjwa.

Lamadoda amane angabaholi benhlangano yontamolukhuni ebizwa ngeFederal Freedom Party bavele enkantolo ngecala lokuzama ukuketula umbuso nobushokobezi.

Umshushisi uMnuz Shaun Abrahams usole abasolwa okunguMark Trollip, Johan Prinsloo, Martin Keevy no-Hein Boonzaaier ababehlela ukugasela eMangaung ukuze kubulawe abaholi abaphezulu ku-ANC. Kuthiwa bazame nokuthi baqumbe phansi umbuso ngokuthi bahlele ukutshala amabhomu lapho okwakuzobe kunabaholi abaqavile khona be-ANC eMangaung.

Kuphinde kwavela nezinsolo zokuthi abasolwa baqale kusuka ngoJanuwari ukwenza izinhlelo zokusoconga abaholi be-ANC baphinde bahlela nokusungula iqembu labo elisha elibizwa nge-Boere Party.

Zonke lezi zinhlelo kuthiwa bezihlanganiswa emihlanganweni ebiyenzelwa eCenturion, Springs nasePrieska eNorthern Cape.

Baboshwe ezindaweni ezahlukene.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.