INTATHELI YESOLEZWE

INKANTOLO yaseBloemfontein isithole ukuthi isigejana sabesilisa abasolwa ngokuba seqenjini lontamolukhuni bebenezinhloso zokusoconga uMengameli wezwe nabaholi abaphezulu be-ANC noNgqongqoshe abehlukene.

Lokhu kuvele izolo ngesikhathi la madoda evela enkantolo okokuqala ngemuva kokuthi eboshwe lingakaphumeleli itulo lawo.

Konke lokhu bekuhlelwe ukuthi kwenziwe engqungqutheleni ye-ANC eqhubekayo eMangaung kodwa kwabhuntsha uhlelo ngesikhathi amaphoyisa elunywa indlebe babanjwa.

Lamadoda amane angabaholi benhlangano yontamolukhuni ebizwa ngeFederal Freedom Party bavele enkantolo ngecala lokuzama ukuketula umbuso nobushokobezi.

Umshushisi uMnuz Shaun Abrahams usole abasolwa okunguMark Trollip, Johan Prinsloo, Martin Keevy no-Hein Boonzaaier ababehlela ukugasela eMangaung ukuze kubulawe abaholi abaphezulu ku-ANC. Kuthiwa bazame nokuthi baqumbe phansi umbuso ngokuthi bahlele ukutshala amabhomu lapho okwakuzobe kunabaholi abaqavile khona be-ANC eMangaung.

Kuphinde kwavela nezinsolo zokuthi abasolwa baqale kusuka ngoJanuwari ukwenza izinhlelo zokusoconga abaholi be-ANC baphinde bahlela nokusungula iqembu labo elisha elibizwa nge-Boere Party.

Zonke lezi zinhlelo kuthiwa bezihlanganiswa emihlanganweni ebiyenzelwa eCenturion, Springs nasePrieska eNorthern Cape.

Baboshwe ezindaweni ezahlukene.