UQHUBEKA nokufeza iphupho likayise owayengusomabhizinisi owesifazane waseNanda Mission, ovule indawo esezingeni eliphezulu kashisanyama.
UNksz Sanele Jeniffer Mkhabela (30), uvule iSJ Luxury Butcher & Shisanyama athi ngayo uhlose ukuletha izinto ezinhle elokishini. Indawo avule kuyo leli bhizinisi kwakuyisitolo esidala sikayise esasidume ngeSchool View kusangenise amaGeneral Dealer emalokishini.
Kuthe ngesikhathi kufika idumela lezinxanxathela zezitolo, isitolo sangahamba kahle okwenze sigcine sivalwa. Utshele Isolezwe ukuthi isitolo sikayise oshone ngoFebhuwari nonyaka, bese siqashwa ngabokufika nabo ababuye bayeka ngenxa yokuhlaselwa kwabo.
Echaza ngokuvula le ndawo, uthe ubefuna into ehlukile njengoba iSJ ingafani nabanye oshisanyama.
“Ngibakhonzile abantu, yingakho kungeyona inkinga nokuvula indawo ezongisondeza nabo. Ngibe nalo mbono waleli bhizinisi kusukela ngonyaka odlule, ngaqala ukuzilungiselela ngoMashi nonyaka sekushone ubaba, ngalungisa kabusha isitolo. Inhloso akukona nje ukwenza ushisanyama ojwayelekile kodwa kuzoba yindawo lapho abantu benza khona nemicimbi ehlukene.
"Ngifuna kube nemicimbi esijwayele ukuyibona emadolobheni ezindaweni zomntakabani njengama-cocktail party. Sinabo abantu abathanda izinto ezinhle nobumandi emalokishini, abaphoqeleka ukuya emadolobheni beyofuna zona,” echaza.
Yize ebehlose ukubhekela abantu baselokishini lakhe ngokuvula le ndawo, uthe umangalile ukuthi kufike ngisho abahlala kwezinye izindawo bethi babone ezinkundleni zokuxhumana. Kumanje uthi usenabantu ababekise ukwenza imicimbi kule ndawo.
“Ngihlose ukuthi kanye ngenyanga kube nomcimbi omkhulu ozohlanganisa abantu. Sizovula nsuku zonke nangezimpelasonto kodwa siphinde sibe nemicimbi ehlukene,” kusho uNksz Mkhabela.
Uthe ulwazi lwebhizinisi waluncela kuyise njengoba ebebuye abathume ukuyodayisa esitolo. Ubebafundisa nokubala imali uma sekuvalwa esitolo athi kumenze wanothando lwebhizinisi.
UNksz Mkhabela wafundela iPhotography eDurban University of Technology. Kumanje uyiPublic Relations Officer eWushwini Arts Centre kanti uke wasebenza naseStable Theatre. NgoMgqibelo bavule neFilm & Printing House khona eNanda Mission ngokuhlanganyela noJerry Pooe abasebenza naye eWushwini. UNksz Mkhabela uthe akanaluvalo ngoba uyazi ukuthi ulethele abantu into abebevele beyifuna.
“Okubalulekile ukusebenza kahle nabantu ubanikeze abakufunayo kunoma yiliphi ibhizinisi,” egcizelela.