Kuxoshwe abanye abebelwa kuBig Brother

Comment on this story
no maneta . UMANETA noRoki abangabanye abaxoshiwe endlini kaBig brother ngenxa yokungaziphathi kahle nokugcine bashayane.

NOKUBONGWA PHENYANE

LUZOQHUBEKA njengokujwayelekile uhlelo lwethelevishini oseludide abaningi ngenxa yezigameko zalo, iBig Brother Stargame, edlala ku-Channel 197/8 ku-DStv, kulandela ukukhonjwa indlela omkhaya baseZimbabwe ngemuva kokulwa ngoLwesibili.

Ngemuva kokukhonjwa indlela komculi uRoki nentokazi engumfundi wezomthetho enyuvesi uManeta, ababukeli balolu hlelo basale bebuzana ukuthi ngabe lolu hlelo lusazoqhubeka ngendlela ejwayelekile yokuthi ngeSonto kube khona okhishwayo ngenxa yokudliwa yivoti noma cha.

Kuqubuka lo mbuzo nje intokazi engunontandakubukwa yakuleli uBabalwa “Barbs” Mneno isengozini yokudliwa yizembe njengoba isohlwini lwabangase baphume nensizwa yaseGhana uKeita.

Izikhulu zakwa-M-Net eyengamele ukudidiyelwa nokusakazwa kwalolu hlelo izolo zikucacisile ukuthi yize sekuxoshwe ababili abaphume kungazelele muntu, nangeSonto ukhona omunye ozophuma nakanjani.

ULani Lombard wakwa-M-Net uthe yize kube nalesi sixakaxaka kepha amaphaphu phansi kubabukeli, ngeSonto uhlelo luzoqhubeka njengokujwayelekile.

no roki uRoki oxoshiwe endlini kaBig Brother ngenxa yokungaziphathi kahle .

Laba bakhaya baseZimbabwe baxoshwe ngokususa uthuthuva phezu kokuba bese bekhuziwe ngabaphathi njengoba bese kunezinkomba yokuthi bangase bashayane.

Kulolu hlelo kunomthetho wokuthi akuvumelekile ukuxabana okuhambisana nodlame kanti kuyo le sizini sekuxoshwe usomahlaya waseGhana uDKB nomkhangisi wengqephu waseSierra Leone uZainab nabo abaxoshelwa ukulwa.

NgoLwesibili, ngokubona ukushuba kwengxabano kaRoki noManeta, uBig Brother (ophethe lolu hlelo) ubabizele endlini yakhe eyaziwa ngokuthi yiDiary Room, ebakhuza.

Engakawagwinyi amazwi akhe laba baqhubekile nokuchukuluzana okuholele ekutheni uManeta athathe yonke inhlobo yensipho engamanzi okuhlanganisa neJik wakuxuba wabhunyela ngakho uRoki ebusweni.

ULani uthe imithetho ebekwa kulolu hlelo ikuchaza kahle ukuthi ukulwa nokuthukana okungagcina kuholele ekutheni abantu baxabane baze bashayane akuvumelekile.

“Bayayalwa kahle abantu ukuthi uma bezongena kule ndlu ngokuthi konke okuhambisana nokulwa kumele bakushiye ngaphandle. Kulo nyaka kubukeka kunzima kulolu hlelo njengoba laba sekungabantu besibili ukuthi baxoshwe uhlelo lungakapheli ngenxa yokungaziphathi kahle nangendlela,” kusho uLani.

Uthe njengoba lolu hlelo selokhu laqala lukhombisa ukuthi abantu abaningi abakwazanga ukuyifunda kahle imiyalelo yokuthi akumele omunye umuntu umbeke isandla noma ngabe nicasulene kanjani.

Uqhube wathi uM-Net nenkampani yakwa-Endemol abasebenzisana nayo bayakuqinisekisa ukuthi ukulwa okuze kugcine ekutheni abantu babambane ngezandla kumele bazi ukuthi akukho okuyokhulunywa nabo kodwa bayoxoshwa ngokushesha.

Uphethe ngokuthi uManeta noRoki bazothola ukwelulekwa ngokwengqondo ukuze basizakale ekutheni bangalwisana kanjani nokuthukuthela okuholela odlameni.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.