Kuxwayiswa abantu ngokucela o‘lift’ emgwaqweni

Comment on this story
NG HAIK INGXENYE yabantu abacela u''lift'' emgwaqweni.

THEMBA NTSHINGILA

IZIGIGABA ezingezinhle ezenzeka kubantu abacela o‘lift’, seziholele ekutheni amaphoyisa akhiphe isexwayiso esiqinile ngenhloso yokugwema ukungena kwabantu enkingeni uma besebenzise lolu hlobo lokuhamba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Vincent Mdunge, uthe njengamaphoyisa bakhuthaza umphakathi ukuthi usebenzise izinto ezisemthethweni njengamabhasi namatekisi kulamaholidi.

Uthe nakuba zikhona izindawo lapho othola khona ukuthi izinto zokuhamba ziyindlala, uma kwenzeka abantu becela u‘lift’ kumele umuntu angahambi yedwa, babe babili noma ngaphezulu.

Uthe kungasiza ukuthi abantu bahlale ngaso sonke isikhathi bephethe izinombolo zamaphoyisa ukuze uma kukhona okusolisayo endleleni, bashayele wona.

“Asikukhuthazi ukuthi abantu bacele u‘lift’ ngoba ziningi izehlakalo esizibikelwayo,” kuchaza yena.

NG HAIK1 KUBA njena emgwaqweni uma abantu becela u"lift''.

Muva nje amaphoyisa abophe umlisa waseNigeria okuthiwa ujove bonke abantu abagibele ebhasini ebelisuka eThekwini liya eGoli ngomjovo olalisayo, emva kwalokho wabakhuthuza.

Ngeledlule umfundi waseMtubatuba usinde esezonqunywa emva kokuba ekade ecele ulift esuka eHluhluwe eya ekhaya.

Lo mfundi ubekanye nowesilisa nowesifazane abazanayo ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Kwesinye sezigameko abesimame ababekade bevela eNewcastle beza eThekwini, bacela u‘lift’ kanti endleleni bazojikelwa abantu abasemotweni, omunye wabo waphuziswa isiphuzo esilalisayo.

Nabo basinda ngokulambisa.

UColonel Mdunge uphethe ngokuthi ziningi izigameko zalolu hlobo, wukuthi nje kuphela azibikwa zonke emaphoyiseni.

“Abanye abantu baye besabe ukuthi ingcabha izobuyela kubona uma bezobika ukubanjwa inkunzi nokunye ukwenzakaliswa uma bekade becele o-lift,” usho kanje.

Amaphoyisa athi umkhuba wokucela olift uvamise nakakhulu uma sekuyizikhathi zamaholidi, iningi labantu libuyela emakhaya.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.