Kuxwayiswe abafundi ngezidakamizwa

Comment on this story
no senzo1~1

MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOSHE weMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu, usexwayise abafundi ukuthi bangabhemeli imaths insangu ngoba ngeke bayiphase bebanjwe yizidakamizwa.

UMchunu, obevakashele izikole eFolweni, eMbumbulu naseMlazi izolo, ngosuku lwesibili izikole zivuliwe, uthe uma isifundo usifeyila ungadakwe yilutho, ngeke usiphase uma usudle izidakamizwa.

Ubekhuluma nabafundi ababili baseSwelihle High abanikwe ithuba lokugcina lokufunda kulo nyaka ngenxa yokuhlushwa yinkinga yezidakamizwa.

“Yekani insangu namaphilisi ngoba ngeke nibhemele imaths insangu bese nicabanga ukuthi nizoyiphasa. Uma kuwukuthi uyifeyila ungabhemile, ngeke uyiphase noma usubhemile,” kweluleka uMchunu.

Uxwayise ngokuthi uma abafundi sebexoshwe esikoleni kuba nzima ukuphinda bathole izikhala zokufunda esifundazweni ngoba ngeke besemukelwa ndawo.

Uthe laba bafundi badinga usizo, wathi abazali “abangalahli” izingane zabo kothisha ngoba kwabona ayikho into abangayenza kuzona uma zihlula abazali.

Uxwayise nabafundi bamatric ukuthi abaqale manje bagxile ezifundweni zabo bangafundi uma sekuzophela unyaka sebebhala.

“Khohlwani yindaba yokuthi nilale nabafana, ukhumule nje uyingane yesikole ebusuku, ukhumulela umuntu.

“Bafana yekani izidakamizwa, fundani nithole imifundaze neziqu. Seningenza enikuthandayo ngemuva kwalokho.

“Ntombazane usungaba nenqwaba yezingane uma usube neziqu zakho ususebenza. Mfana usungabhema iwunga uze ufike eGoli uma uthanda kodwa uma ususebenza,” kusho uMchunu.

Uthe abafundi abagxile ezincwadini, bakhohlwe yithelevishini nabangani baze bababone ngemva kokuphothula izivivinyo zabo.

Ngesonto elizayo uthe kuzoba nengqungquthela okuzodingidwa kuyo izinto ezikhungethe abafundi okubalwa ukukhulelwa kwabafundi, izidakamizwa nokunye.

Uthe ugculisekile ngezinto azifice ezikoleni ngoba uthole ukuthi iningi lazo bekufundwa ngosuku lokuqala.

“Abaqondisi bezifunda bemiNyango kumele basilekelele batshele othishanhloko ukuthi kumele bathande izikole zabo. Ufika ezikoleni ezilawulwa othishanhloko bethu, ufike kungcolile kodwa uma uya kwezezinye izinhlanga ufike zihlanzekile,” kusho uMchunu.

Uthe bakhona othishanhloko abasabamba imiphumela yabafundi ngoba abazali bengakhokhile. Uthe kumele bakuyeke lokho ngoba yicala futhi ababaningi yidlanzana elisenza lo mkhuba.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.