INLSA
uMnuz Mandla Mbili (kwesokudla) kuthiwa uhluleke ukulawula imoto yakhe i-4x4 yayophoseka esikhisini ngesikhathi ehamba kuN2 ngaseMobeni ngoLwesibili ebusuku. Wathathwa lapha noMnuz Mark Steele noMnuz Deetlefs du Toit. Isithombe: Jeffrey Abrahams
AMAPHOYISA athi aphenya ngokufa kwelungu lePhalamende elishone engozini yemoto ngoLwesibili.
UMnuz Mandla Mbili (48) we-ANC kuthiwa uhluleke ukulawula imoto yakhe, i-4x4 yayophoseka esikhisini ngesikhathi ehamba kuN2 ngaseMobeni ngoLwesibili ebusuku.
Kuthiwa ubeyedwa emotweni ngesikhathi kwenzeka le ngozi, ayikho enye imoto ebithinteka. Ushonele endaweni yesigameko.
Kuthiwa ubephuma esikhumulweni sezindiza eKing Shaka elibangise ekhaya eMgababa, ebuya emhlanganweni obuseGoli ngayizolo.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe ayikaziwa imbangela yengozi kodwa kuyaphenywa ngokufa kwakhe.
UMbili wajoyina inational Assembly ngo-2006 kanti ubezihlanganise namakomidi amaningi ePhalamende okubalwa kuwo iPortfolio Committee on Finance ne-Scopa.
Usihlalo we-ANC eKZN uDkt Zweli Mkhize uthe kubethusile ukwedlula kukaMbili kungakapheli nesonto befihle elinye ilungu le-ANC uMnuz Wandile Mkhize naye waseSouth Coast. UMkhize uthe ukufa kukaMbili kukhumbuze ngenqwaba yabantu bakuleli abashonela emigwaqweni.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services