Advertisement

‘Kuyisibusiso kimina ukuba kulo mcimbi’

NOKUBONGWA PHENYANE

UKUFANISA nesibusiso ukuba ngumphathi wohlelo emcimbini ohlelwa yiSolezwe, Intandokazi Women’s Club, usomabhizinisi waseThekwini osezakhele igama ngokuhlela imicimbi, uNksz Zama Phakathi, weSplendid Marketing othi abesifazane abazoba khona kulo mcimbi ufuna ukubashiya nezikhuthazo ezizobasiza.

UNksz Phakathi uthe ukuhambela lo mcimbi kuye nezintokazi ezizobe zikhona ukufanisa nenhlanhla ngoba yena injongo yakhe enkulu wukukhuthaza nokunika izeluleko kwabanye abantu besifazane.

Lo mcimbi omkhulukazi ongowesibili ukuba khona kulo nyaka iphephandaba eligubha iminyaka ewu-10 laba khona, uzoba seTiger Lodge, eJozini, ngoJune-9.

UNksz Phakathi uthe abesifazane kumele bazi ukuthi uma bengena kwezamabhizinisi kufanele bazitshele ukuthi konke kuzolunga futhi osungule ibhizinisi kumele azitshele ukuthi uzophumelela.

“Ngijabule kakhulu ngokubakhona kulo mcimbi futhi ngiyabathembisa abantu besifazane ukuthi yize ngizophatha umcimbi kodwa ngizobashiya nezikhuthazo zokubamba ibhizinisi nokuthi ungalenza kanjani liphumelele,” kusho uNksz Phakathi.

Uthe yena waqala ukuzibona ukuthi angakwazi ukungena kwezamabhizinisi ngesikhathi esebenzela inkampani yakwaChamber Of Commerce lapho babelekelela abantu ukuthi bangawakhulisa kanjani amabhizinisi abo.

“Abantu babelokhu bengibuza ukuthi yini ngingaziqaleli elami ibhizinisi. Ngendlela engangizimisele ngayo nami ngagcina ngizibonile ukuthi ngempela ngingangena kulo mkhakha,” kusho yena.

Uthe ngo-2009 ube esevula leli bhizinisi analo manje injongo yalo enkulu okuwukuhlela imicimbi, ukuxhumana nabezindaba nokuhambela izindawo ezehlukene beqwashisa ngezinto ezehlukene.

Kulo mcimbi injongo enkulu wukucija abantu besifazane ngezinto ezehlukene ezithinta bona ngqo njengoba izikhulumi zisuke zibanikeza konke abangakusebenzisa.

Izikhulumi ezifana noNkk Bridget Shabalala, woMnyango wezoBulungiswa KwaZulu-Natal, Vuyi Gama, oyinxusa lakwa-Inecto, abamele Ithala nabanye basuke besabalalisa ulwazi olwahlukene olungasiza abantu besifazane.

UNksz Precious Gumede, weSolezwe, uthe bacela ukuthi abantu besifazane asebebekise izindawo zabo kulo mcimbi bakhokhe ngokushesha ukuze bangavimbeli abanye.

“Abantu asebeyibekisile indawo kumele bakhokhe ngokushesha njengoba kungenzeka ukuthi bavimbela abanye uma sebeshintshe umqondo bethi abasezi. Lokhu kungadala ukuthi abantu abebethanda ukuza bagcine ngokungezi,” kusho uNksz Gumede.

Uthe imali yokungena ngu-R150 umuntu ngamunye.

Uthe kule mali umuntu uzothola okuya ngasethunjini nomxhaka wezinto ezikhala kahle.

Abafuna imininingwane ngalo mcimbi bangashayela uNksz Sandy Xola kuSolezwe ku- 031 308 2552 kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-3 ntambama.

Phakathi kwabaseke lo mcimbi singabala Ithala, Hallmark, uMnyango wezoBulungiswa, Inecto neSpekko rice.

SHOW ALL
Advertisement