Kuzoba noshintsho eMkhosini woMhlanga kulokhu

Comment on this story

S’BU MASANGO

KUNEZINGUQUKO ngoMkhosi woMhlanga oba minyaka yonke ngoSepthemba esigodlweni seSilo, eNyokeni, KwaNongoma.

Lo mcimbi ovame ukuba ngoSepthemba kulo nyaka uzoqala ngo-Agasti 31, uze uphothulwe ngoSepthemba 2.

Kuyaqala kulo nyaka ukuthi lo mcimbi uqale ngo-Agasti njengoba ubuvame ukuhambisana nenyanga yamagugu nesintu, uSepthemba.

Akucaci ukuthi kube yini isizathu esiholele kulolu guquko oluyisipesheli.

UMntwana uMbonisi okhulumela Isilo uthe akanalo ulwazi olugcwele kodwa akuzwile wukuthi ngeke usaba ngesonto lesibili kuSepthemba njengokujwayelekile.

Uthe akafuni ukuphawula kakhulu ngento angenaso isiqiniseko ngayo.

Unxuse ukuba kuxhunywane nehhovisi leSilo okuyilona elihlela lo mcimbi ngokubambisana noMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.

Ngesikhathi kuthintwa uMnuz Nhlanhla Mtaka weNgabadi Group evame ukuhlela eminye imicimbi yaseNdlunkulu, uthe kabayona ingxenye yabantu abahlelayo.

Uyalele ukuba kuxhunyanwe noMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.

Okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mluleki Mntungwa, uthe kuliqiniso ukuthi uMkhosi woMhlanga wakulo nyaka ngeke ube ngesikhathi ojwayeleke ngaso maphakathi noSepthemba.

Ebuzwa ngesizathu esidala lolu shintsho, uMntungwa uthe asikho abatshelwa sona njengoba kwafika isigijimi nombiko othi ngeke usaba ngesikhathi ojwayele ukuba ngaso.

“Njengoba wawusukhulumile umlomo ongathethi manga senza njengoba usho,” kusho uMntungwa.

Uthe ngoSepthemba 1 kuzoba nohlelo lokukhangiswa kwemisebenzi ekhona izintombi nto ezingayifundela bese kuthi ngoSephthemba 2 zichazelwe ngemisebenzi yamakhono okumele zibheke kuyo uma sezifundela imisebenzi.

Lo mcimbi uhanjelwa yizinkulungwane zezintombi nto ezisuke ziqhamuka kuso sonke isifundazwe.

UMkhosi woMhlanga uvamise ukuhanjelwa nayizivakashi eziqhamuka kuleli, amazwe ase-Afrika ngisho nawaphesheya kwezilwandle imbala.

Abanye bese bazi ukuthi njalo ngesonto lesibili enyangeni kaSepthemba bazohambela lo mcimbi.

Izindawo zokulala ziyagcwala ngenxa yokuthi baba baningi abantu abaqhamuka ngaphandle kwaKwaNongoma.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.