ISIQONGQWANE se-Orlando Pirates uHappy ‘MaGents’ Jele ukholwa wukuthi ukungandi ngomlomo kozakwabo kepha bashaye into ecokeme enkundleni kungathela izithelo zokusivikela ngempumelelo isicoco se-Absa Premiership.
UJele owaphuka edolweni useqalile ukuzilolonga kodwa ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba ukubalulile ukuthi odokotela abaphethe ukhiye ngesimo sakhe.
Ngesikhathi ebuzwa ngamathuba abo esicoco- uJele ongomunye wabadlali abayinsika kuPirates kodwa osendleleni ebheke ekululameni- ukhombise okukhulu ukukhula lapho eveze khona ukuthi indlela abazodlala ngayo kusukela manje iyona ezokhuluma.
“Ngeke ngande ngamazwi kodwa into esizoyenza sizolikhulumisa enkundleni,” kusho lo mdlali osize leli qembu liwina izicoco ezintathu (MTN8, Nedbank Cup nesicoco seligi) ngesizini edlule.
UStanley ‘Screamer’ Tshabalala ongesinye sezikhulu ezithenjiwe kuPirates owaduma ngeShoe-Shine and Piano kuMamelodi Sundowns, uthe, okusemqoka kubona ukuthi bawugcine umuhle umgqigqo abahamba ngawo.
“Okubalulekile ukuthi siqoqe amaphuzu. Akufanele sizikhathaze ngokuthi iSundowns yenzani,” kusho yena.
Nomgadli wePirates uThulasizwe ‘Juju’ Mbuyane uhambe emazwini alaba ngesikhathi eveza ukuthi sekufana nesibopho kubona ukuthi banqobe yonke imidlalo esele ku-Absa Premiership uma bezimisele ngokuvikela lesi sicoco abasinqobe ngesizini edlule.
Emidlalweni eyisithupha esalele iPirates emine izoyidlala ekuhambeni kubalwa nowokugcina abazobe bebhekene kuwo neLamontville Golden Arrows ngoMeyi 19.
Ngesizini edlule Ezimnyama zishaye yona i-Arrows ukuze zidle isicoco seAbsa Premiership njengoba zazidinga amaphuzu aphelele ukuze zemuke nayo le ndebe ehamba nesheke lika-R10 million.
Emdlalweni olandelayo weligi leli qembu eliphekwa u-Augusto Palacios lizotholana phezulu nomkhaya iMoroka Swallows eDobsonville Stadium, ngoLwesithathu oluzayo.
Kulindeleke ukuthi zidudulane kanzima kulo mdlalo kwazise womabili amaqembu kusemqoka ukuwola amaphuzu njengoba neSwallows isembangweni wesicoco.
“Akusikhathazi ukuthi sidlala nobani, kuphi. Okusemqoka njengamanje ukuwina yonke imidlalo esele,” kusho uMbuyane ku-website yeZimnyama.
“Ayikho enye indlela esingenza ngayo kodwa kufanele sizame ukudlala ibhola elihle siqoqe amaphuzu. Noma ngabe sidlala ekhaya kumbe ekuhambeni sizimisele ngokuqoqa.”
Okushiwo uMbuyane kukhomba ngokusobala ukuthi ushube kangakani umbango wesicoco seligi ngoba uma bephazama kulokhu akushoyo kuzovulela igebe yona iSwallows, iSundowns ekubeni neKaizer Chiefs isanethemba.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services