ISOLEZWE
USIMON Mabhunu Sabela ongasekho uzohlonishwa ngendondo ye-Lifetime Achievement eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMsombuluko ekuseni.
CHARLES KHUZWAYO
KUZOHLONISHWA enye yezingqalabutho ezingasekho ezabeka imboni yezamafilimu akuleli ebalazweni lomhlaba uSimon Mabhunu Sabela.
Le ngwazi eyavundulula ikhono kubalingisi abaningi izobungazwa emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwekhomishana yamafilimu yaKwaZulu-Natal eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMsombuluko.
Amagalelo kaSabela abonakala kakhulu emafilimini amaningi okubalwa kuwo Inyakanyaka, UDeliwe, Ikati Elimnyama, Isivumelwano, Shaka Zulu namanye.
Ubengagcini ngokudidiyela kodwa ubebuye alingise kwamanye.
Iqhaza likaSabela ekuthuthukiseni le mboni lizokhunjulwa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha oholwa nguNgqongqoshe uMnuz Mike Mabuyakhulu.
Okhulumela lo Mnyango, uMnuz Bheko Madlala, uthe inhloso yale khomishana ngukuthuthukisa le mboni kulesi sifundazwe ukuze kuvundululwe ikhono futhi kudaleke amathuba emisebenzi.
“Lo mcimbi uzobe uyingxenye yedili lamafilimu elibizwa nge-Durban International Film Festival, okuyifestiveli enkulukazi kuleli futhi evamise ukuthanyelwa yizinkulungwane zabadidiyeli bamafilimu abasuke beliqhamukisa kumazwe ngamazwe,” kusho uMadlala.
Uthe kulesi sidlo sasekuseni kulindeleke izethameli ezihlonishwayo kulo mkhakha eNingizimu Afrika nasemazweni angaphandle.
Echaza ngokukhumbula le ngwazi, uMadlala uthe uSabela waziwa njengengqalabutho yamafilimu avutshelwe e-Afrika.
“Akagcinanga ngokulingisa emafilimini cishe angu-30 kodwa wabuye waba ngumqondisi wamafilimu okuqala omnyama,” kuchaza uMadlala.
Eqhuba uthe le ndondo ye-Lifetime Achievement izohlale inikezwa abenzi bamafilimu asebemnkantsh’ ubomvu kule ndima.
Ekhuluma ngokwethulwa kwale khomishini uMabuyakhulu uthe: “IKwaZulu-Natal inomlando onothile kusukela ngama-1930s. Umlando wemboni yezamafilimu eNingizimu Afrika awusozwe wabhaleka ngaphandle kwamafilimu ashuthwe kulesi sifundazwe, okubalwa iZulu Dawn, Blood Diamond, Shaka Zulu, Yesterday namanye. IKwaZulu-Natal ithuthuka ngesikhulu isivinini kulo mkhakha kangangoba isiqhudelana namanye amazwe omhlaba.” UMabuyakhulu uthe bafuna le khomishini iguqule leli zwekazi lase-Afrika njengoba kwenza iNollywood eNigeria.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services