INLSA
UTHEMBI Shange ukhombisa ngeziqholo zakwa Shilex ongazinikeza othandiweyo wakho njengesipho kule Valentine. ISITHOMBE: NQOBILE MBONAMBI
UKUBA ngumahambayedwa ngosuku lwezithandani kumenze wasungula umcimbi ozoqinisekisa ukuthi akekho umuntu wesifazane ongaluthokozeli lolu suku.
UNksz Thembi Shange onenkampani eyenza iziqholo iShilex, uhlele indumezulu yomcimbi wosuku lwezithandani, ozoqinisekisa ukuthi omahambayedwa kababi nezinhliziyo ezibuhlungu kodwa nabo bayaluthokozela lolu suku.
“Ngalo usuku lwezithandani (Febhuwari 14) kuzoba nomcimbi e-Docklands Hotel, eThekwini. Lo mcimbi ngiwenze ngoba sengikhathele wukuhlala ngedwa ekhaya uma kuyi-Valentine’s Day uthole ukuthi abantu babuya nezipho mina do. Ngifuna sonke sijabule, abanezithandwa nabangenazo,” kusho le ntokazi.
Uma uya kulo mcimbi kuningi okuzojabulisa njengoba kuzoba khona umculo kaNhlanhla Sibisi ozobe ehambisa nebhendi ebizwa ngokuthi ama-Crochet.
Kulo mcimbi, uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo uzobe efundisa izithandani ngokubaluleka kokuthembeka kumuntu wakho nokuphila impilo enhle uzivocavoce.
Kuzobuye kube nombukiso wengqephu okuzobe kukhonjiswa ngezimpahla ze-Stunt Original okuyilebuli yomsiki wengqephu waseThekwini uSyanda Mzobe.
Kuzoba nesidlo sakusihlwa nezipho zabesifazane nabesilisa, abesifazane bazothola iziqholo, izinsipho zokugeza nokunye okuningi.
Abesilisa bona bazonuka kamnandi kusukela ezintweni ezisetshenziswa uma uqeda kushefa, iziqholo, amathawula nokunye okwenza insizwa ikudonse ukude ngenxa yephunga elimnandi.
Umcimbi uzoqala ngo-6 ntambama kanti kungenwa ngo-R350 umuntu oyedwa, kuthi izithandani zikhokhe u-R600 (umuntu nesithandwa sakhe).
Amathikithi okuhambela lo mcimbi aseyatholakala e-Computicket nasemahhovisi akwa-Shilex aku-Suite 513 e-Commercial City, enkabeni yeTheku.
Akuwona wodwa umcimbi wosuku lwezithandani ozobe ukhona lona njengoba izithandani zizokwazi ukuyogubha uthando lwazo ngolozolo lomculo eBotanic Gardens lapho kuzobe kucula khona u-Louise Carver no-Arno Castens.
Abantu bavunyelwe ukuza nama-cooler box nobhaskidi abanezibiliboco, amasango avulwa ngo-5.30 ntambama kanti amathikithi abiza u-R100.
Amathikithi atholaka ngokuvakashela ku-www.webtickets.co.za noma ngo-R120 esangweni.
|
|
Anonymous, wrote
ngihlala entuzuma kwa f kwakuthiwa sizokwakhelwa imixhaso ngama 19 sanikezwa izincwandi zemizi.kodwa lutho.sekuze kwakhiwa imizi elindelani.singamalunga e anc okuqina.asazi ukuthi senzani kwi counselor u Mabizela .sicela usibuzele kuyena
Sibusiso Msibi, wrote
Indawo yangakithi ipoor kodwa ngingajabula nami uma ngingenza umcimbi ongadonsa abaningi ngokuphana ngezipho ngithole nosaziwayo abangaluleka izithandani nokuphila nje emhlabeni ngaphandle kwezinkinga ngingenzanjani ukuthola osaziwayo noma bangaba bangaki. Sibusiso Msibi eCharlestown, enyakatho neKwaZulu-Natal
Showing items 1 - 2 of 2
Services
Comment Guidelines