Gallo Images
UNOZINTI nokaputeni waMaZulu uTapuwa Kapini uthi kuzomele babambisane njengeqembu ukuze bavimbe iManchester United emdlalweni weMTN Football Invitational eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ngo-8 ebusuku
LUNGILE MAJOKA
UNOZINTI waMaZulu, uTapuwa Kapini, ukwazi kahle ukuthi basemihlabeni eyehlukene ngokwezinga lebhola neManchester United egijima ku-English Premier League kodwa bazokwenza konke okusemandleni ukuyithwalisa kanzima njengoba bezobhekana kuMTN Football Invitational.
Lo mdlalo ungoLwesithathu eMoses Mabhida ngo-8 ebusuku. Uyingxenye yochungechunge lwe-United yokulungiselela ukuqala isizini entsha njengoba izobe isidlulela eKapa lapho izitholana phezulu ne-Ajax Cape Town ngoJulayi 21 ngaphambi kokulibhekisa eChina.
Usuthu luzosebenzisa lo mdlalo ongosuku lokuzalwa lukaNelson Mandela owaba nguMengameli wokuqala wentando yabantu, ukuqala imigubho yalo yeminyaka engu-80 lasungulwa.
UKapini ongukaputeni woSuthu, uthe ngeke sibe khona isikhathi sokulala kulo mdlalo.
“Lona ngumdlalo omkhulu kakhulu. Ngiyazi ukuthi abantu bathi ibhola liyafana kodwa iManchester iyiqembu eliphezulu kakhulu, okwenza indlela yabo yokudlala ibe phezulu kunathi. Kuzomele silwe uma sizimisele ngokuthola umphumela,” kusho uKapini.
AmaRed Devils, asebe ngompetha be-EPL izikhawu ezingu-19, azotheleka kuleli ngoMsombuluko ntambama eshaya ngabadlali abasha uShinji Kagawa noNick Powell abebethulwa kwabezindaba izolo.
UKagawa ubeyingxenye yeqembu leBorussia Dortmund yaseGermany ewine isicoco seligi kanti uPowell ubedlala esigabeni esiphansi e-England.
Kulindeleke ukuthi uWayne Rooney noDanny Welbeck abebeku-Euro 2012 bangabi khona ekubeni inkakha enguRyan Giggs iseqenjini leGreat Britain elizodlala kuma-Olympics aqala eLondon ngoJulayi 27.
Uma eza uJavier ‘Chicherito’ Hernandez noDimitar Berbatov yibona okuzobhekwa ukuthi bathwalise kanzima udonga lwaMaZulu.
“Ngeke ngibavimbe ngedwa kuzomele sonke sisebenzisane. Bayingozi kakhulu ngoba amagoli angaqhamuka noma yikuphi okusho ukuthi kufanele sihlale sibhekile ngaso sonke isikhathi,” kusho uKapini ofike walidla ijezi kuMbongeni Mzimela ngesizini (edlule) yokuqala noSuthu.
Amathikithi alo mdlalo asatholakala eComputicket abiza, u-R150, R250 noR350.
n Khonamanjalo u-Eleazer Rodgers obejima kuSantos ugcine esayine kuMamelodi Sundowns izolo.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services